Yashaywa yisikhathi iChiefs kuKhanyisa Mayo
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs yasifaka ngemizuzu wokugcina isicelo sokusayinisa umgadli uKhanyisa Mayo ngaphambi kokuthi adayiswe kwiCR Belouizdad yase-Algeria.
Imenenja kaMayo, uBasia Michaels, ikuqinisekisile ukuthi iChiefs ibimfuna lo mdlali, kodwa kwasho ukuthi seyiphuzile.
ICape Town City kulindeleke ukuthi ithole imali elinganiselwa ku-R20-million naglo mdlali weBafana Bafana.
UMichaels udalule ukuthi yiMamelodi Sundowns neChiefs bebemfuna uMayo, kodwa iChiefs yavela sekusele kancane kuphothulwe isivumelwano neCRB.
“IChiefs ibeke phansi isiphakamiso semali esihle ngoKhanyisa ngaphambi kokuthi sisayine neCRB,” kusho uMichaels kwiSABC Sport.
“ISundowns ike yakhombisa intshisekelo ngewindi lokudayiselana ngabadlali elidlule kodwa ayizange ilandelele kulokhu.”
UMichaels uchaze ukuthi uMayo ubelokhu efuna ukushiya eNingizimu Afrika futhi ubezimisele ngokuzitholela ithuba elingcono.
UMichaels uphinde waveza ukuthi ukube isivumelwano neCRB asiphumelelanga, cishe uMayo wayeyojoyina iChiefs.
“Ubefuna ukuya kwiChiefs. Uyise wayedlalela iChiefs ngakho bukhona ubudlelwano lapho,” uchaze kanje.
Nokho isifiso sikaMayo sokuyodlala phesheya sigcine siholele ekutheni akhethe iCRB.
UMichaels uphakamise ukuthi ukube iChiefs ibithathe isinyathelo ngokushesha, ngabe imtholile uMayo, kodwa i-CRB ifike kuqala.
Ubalule nokuthi ukuya kukaMayo ku-CRB kumnika ithuba elingcono lokufudukela e-Europe esikhathini esizayo.
“Uma enza into emangalisayo ku-CRB ngesizini yokuqala, amakilabhu ase-Europe azofika engqongqoza,” kwengeza uMichaels.
OLUNYE UDABA: Kuvuke umunyu kuVan Rooyen evalelisa kwiStellies
IChiefs ayikaphonsi ithawula ngokusayinisa omunye umdlali ophethwe nguMichaels, uFawaaz Basadien odlala kwesokunxele kwiStellenbosch FC.