EzintshaOrlando Pirates

UTeko Modise ugonyuluka ngokwenza axolise kuKhoza

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi esethathe umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo eminyakeni embalwa edlule.

Le nsizwa eneminyaka engu-42 ubudala eyayingumdlali wasesiswini kwiBafana Bafana, yashiya i-Orlando Pirates ngendlela eshaqisayo.

Yayisengomunye wezethenjwa zeqembu, futhi ethandwa ngabalandeli ngesikhathi evele eyilaxaza eya kwiMamelodi Sundowns. 

Ekhuluma kwi-Izinja zeGame Podcast nowayengumdlali uJosta Dladla, uTeko Modise uthe uyazisola ngendlela ashiya ngayo kumaBhakabhaka.

“Ngiyazisola ngendlela engahamba ngayo. Kwakunokusebenza kwemizwa kakhulu,” kusho uModise ngesikhathi bekhuluma ngokungagwegwesi kule ngxoxo yabo. 

“Mina ngangicabanga ukuthi ngidinga umoya omusha. Kodwa ngemuva kweminyaka…

“Ngicabanga eminyakeni emine edlule, lapho sengithathe umhlalaphansi ngazizwa kabi.

“Empeleni ngabuyela ku-Irvin Khoza futhi ngafike ngaxolisa ngendlela engahamba ngayo,” kwengeza uModise. 

Uthi yize ayebe nempumelelo enkulu kwiSundowns futhi esethole nomunye umsebenzi ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni, wezwa kufanele axolise.

“Kungaleso sikhathi lapho ngabona khona ukuthi, yebo, ngashiya i-Orlando Pirates futhi ngaba nempumelelo kakhulu phambili.

“Kodwa ngazisola ngendlela engangihambe ngayo ngokubheka ukuthi ibhola lincane eNingizimu Afrika kangangokuthi ngeke ukugweme ukuhlangana nabo.

“Angithandi ukwakha ubutha emuva… Ngiyilokhu engiyikho ngenxa ye-Orlando Pirates. 

“ISundowns yangibona ngenxa ye-Orlando Pirates, nginemidlalo engu-55 kwiBafana ngenxa ye-Orlando Pirates.” 

UTeko Modise uchithe iminyaka embalwa kwiSundowns ngaphambi kokudlulela kwiCape Town City okuyilapho abeke amakhokho ethala esedlala khona.

Manje usengumhlaziyi webhola ophumelelayo kwiSuperSport TV futhi uyinxusa leHollywoobets.