
USuarez ogajwe yiSundowns usejoyine iLiverpool
Ngemuva kwesikhathi esifushane nesingabanga sihle esigabeni esiphezulu sebhola laseNingizimu Afrika neMamelodi Sundowns, uLucas Suarez ubuyele ekilabhini yakhe yasekhaya.
USuarez ubejoyine iSundowns ngokubolekiswa yiqembu lase-Argentina iTalleres ngenhloso yokuthi angathengwa unomphela uma ehlaba umxhwele.
USuarez, oneminyaka engu-25, usayinwe yiSundowns ngoJanuwari ukuqinisa udonga lwasemuva, kodwa wahluleka ukungena eqenjini likaMiguel Cardoso eliqala imidlalo.
Naphezu kokufika negama elihle njengoba ebedlala kwi-Argentine Primera División, udlale imidlalo embalwa kuyo yonke imiqhudelwano ngesikhathi ezinyangeni eziyisithupha eseChloorkop.
Uzithole ehlezi esithunzini sabadlali abafana noGrant Kekana, uMalibongwe Khoza, uKeanu Cupido noMosa Lebusa.
Njengoba isikhathi sokudlala sibe sincane futhi umbango wezindawo unzima, amaBrazilians anqume ukungamugcini uSuarez.
Abe esembuyisela ekilabhini yakhe yase-Argentina ekupheleni kwesizini edlule ngaphambi kokuyi aye kwiFifa Club World Cup.
Kodwa ke ngeke ahlale kwiTalleres njengoba ezophinde abolekiswe – kulokhu kwiLiverpool yaseMontevideo, e-Uruguay.
Le kilabhu yaziwa ngokuthuthukisa amakhono bese abadlali basuke kuyo baye kumaligi amakhulu emhlabeni jikele.
Isivumelwano sokubolekisa kulindeleke ukuthi simnikeze isikhathi esanele sokuthi adlale ukuze abuyise umgqigqo wakhe.
Noma isikhathi sakhe kwiSundowns singahambanga njengoba bekuhleliwe, uSuarez uhambe namava abalulekile okudlala ebholeni lase-Afrika.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
