EzintshaKaizer Chiefs

Seluqala ukubonakala uhlaka lukaNabi kwiChiefs

UNasreddine Nabi uwuqala ngeqembu elihlukile lo mdlalo, kodwa ukuhleleka kwalo kuyafana neliqale emdlalweni wokugcina – behlulwa ngo 1-0 yiNEC Nijmegen ngempelasonto.

NgoLwesibili ebusuku, Amakhosi azobhekana nelinye iqembu leDutch Eersdivisie iPEC Zwolle futhi lo mdlalo uzoba yisivivinyo esikhulu. 

Futhi njengoba isihlulwe kuyo yomithathu imidlalo yayo yobungani yokulungiselela isizini eNetherlands kuze kube manje, iChiefs idinga ukwenza kangcono emidlalweni yayo emibili esele.

Ngemuva komdlalo wePEC Zwolle, izodlala neFC Twente ngoLwesithathu ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ngempelasonto.

Yize kuqondakala ukuthi imiphumela yalolu hlobo lwemidlalo ayisho lutho njengoba kungeyokuzilolonga, abalandeli baMakhosi sebeqala ukukhathazeka.

Lokhu kungenxa yokuthi ngaphezu kwemiphumela engajabuulisi, iqembu alidlali ngendlela abebeyilindele kuze kube manje.

Nokho ngoMgqibelo, lihlulwa yiNijmegen, iqembu likaNasreddine Nabi belingcono kakhulu futhi likhombise amazwibela okuthi liyaphi. 

Emdlalweni weZwolle, uZitha Kwinika akaqali, indawo yakhe ithathwe ngu-Aiden McCarthy maphakathi emuva. 

Le nsizwa esencane ibambisene no-Inacio Miguel ongukaputeni kule ndawo. 

UNkanyiso Shinga noThabiso Monyane bangena ezindaweni zikaReeve Frosler noDillan Solomons kwesokunxele nakwesokudla emuva. 

USamkelo Zwane noGeorge Matlou nabo bavulele uSibongiseni Mthethwa noNkosiphile Ngcobo indawo esiswini maphakathi nenkundla. 

UPule Mmodi uyigcinile indawo yakhe ophikweni, kwathi uMduduzi Shabalala wathatha indawo kaMfundo Vilakazi kwathi uGlody Lilepo wangena kwekaGaston Sirino. 

Umgadli omusha, uFlavio da Silva, ohlulekile ukuzibonakalisa emidlalweni emibili aseyidlalile kuze kube manje, nguyena oqalayo ngaphambi kukaTashrique Morris.

  • Ulibophele kanje uNasreddine Nabi iqembu lakhe (4-3-1-1): Petersen – McCarthy, Monyane, Miguel, Shinga, – Mthethwa, Ngcobo, Shabalala, Mmodi – Lilepo, Da Silva

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO