
Usevuke ngeqembu elisha obesentunta nendishi
– Intatheli yeLisenethini
UKgaugelo Sekgota, ojoyine iKaizer Chiefs kunentokozo nethemba lokuthi uzoba wumdlali omqoka, akakwazanga ukwenza okutheni kuleli qembu laseNaturena.
Wadlulela kwiStellenbosch FC kodwa nakhona uhlale isikhashana, kodwa manje usethembe ukuthi izinhlanhla zizomlandela kulokhu kwiMagesi FC.
USekgota kubikwa ukuthi usayine inkontileka yonyaka neMagesi FC esanda kukhuphukela kwiDStv Premiership.
Njengomdlali obengenaqembu ngemuva kokushiya kwakhe iStellenbosch FC, lezi sahluko esisha empilweni kaSekgota ebholeni size njengethuba lokuvuselela umsebenzi wakhe.
Uhambo lwalo mdlali wasophikweni lube yingxube njengoba kuke kwavela ukuthi ube nezinselelo ezithile ezamthikameza emsebenzini wakhe kwiChiefs nakwiStellies.
Ekuqaleni, ukufika kwakhe kwiChiefs – esuka kwiMoroka Swallows – kwaba nesasasa elikhulu, kodwa wahluleka ukuthola indawo eqenjini.
Ukuthuthela kwiStellenbosch okwalandela lapho, kwamnikeza isiqalo esisha, kodwa isikhathi sakhe nakhon sabuye saba sifushane.
Ukusayina kukaSekgota kwiMagesi FC kuphawula isahluko esisha emsebenzini wakhe, futhi kungenzeka kube yithuba lokugcina kuye ukuzibonakalisa.
OLUNYE UDABA:Â Unikwe inombolo yobethandwa abalandeli omusha kwiBucs
Isipiliyoni sihlangene nethalente lendalo lalo mdlali oneminyaka engu-26 kuzoba mqoka kwiMagesi FC njengoba izobhekana nezinselelo zeDStv Premiership.
