
Usephinde wamiselwa ukucwasa oke waqeqesha kwiPSL
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumqeqeshi wePolokwane City kuleli, okumanje ucija iFC Saint-Eloi Lupopo eDemocratic Republic of Congo, uLuc Eymael umiswe izinyanga eziyisithupha.
ICongolese Football Federation (Linafoot) ijezise u-Eymael ngemuva kwezinsolo zokucwasa ngokwebala ngesikhathi ezakhe zibhekene neBlessing FC.
Ukumiswa kuka-Eymael kulandela isigameko esenzeka emdlalweni wango-Okthoba 30, ka-2024.
Umdlalo ubuseKibasa Maliba Stadium eLubumbashi kanti wmiswa ngomzuzu ka-87 ngenxa yemibhikisho yabalandeli beBlessing FC.
Ngokwesitatimende seLinafoot, u-Eymael ukhulume amazwi alulazayo ngonozinti weBlessing FC u-Arma Latoleya, izikhulu zomdlalo nabaphathi beqembu.
Lolu phiko lukuqinisekisile ukuthi wasebenzisa inhlamba ehambisana nokucwsa ngokobuhlanga.
Ikomidi lokuqondisa ubugwegwe le-Linafoot, limmise izinyanga eziyisithupha engazihlanganisi nezemidlalo, laphine lamhlawulisa u-$2,000.
Kuthiwa u-Eymael ubize unozinti weBlessing nge-Negros, okuyigala elilumelayo nelikhombisa ukweya abantu abamnyama.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi uke wabhekana nesimo esifanayo eTanzania la agcina evinjelwa ukuthi angaphinde asebenze khona ngenxa yesimo esifanayo.
Lokhu kwakulandela ukuthi ebize abalandeli beqembu ayebhekene nalo ngalesi sikhathi ngezinkawu ezingazi lutho.
Lokhu kwenza ukuthi nakuleli egcine engatsheliwe ukuthi abuye azosebenza njengoba iChippa United seyizame kwaze kwakabili ulumlanda.
Kokokuqala yanqatshelwa yiSafa njengoba ayesangaphansi kwesigwebo sokumiswa kulandela isigameko saseTanzania.
Kokwesibili yaze yasatshiswa ngokuthi izolahlekelwa abaxhasi nabalandeli ngoba kuthiwa u-Eymael akakufanelwe ukuzosebenza kuleli.
