
Usenkingeni uMbule, usolwa ‘ngokuhlambalaza’ umqeqeshi
ISekhukhune United kubikwa ukuthi isezinhelweni zokunqamula inkontileka yomunye wabadlali bayo.
Kuvela ukuthi umdlali wasesiswini uSipho Mbule usenkingeni kuleli qembu kulandela ukungaziphathi kahle.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala kubikwa ukuthi uhlambalaze omunye wabaqeqeshi phambi kwabadlali.
Kuthiwa uchithe iseluleko abesinikwa ngomunye wabaqeqeshi, wasibiza ngokuthi “yicebo lakudala eselaphelelwa yisikhathi” phambi kozakwabo.
Ngaphezu kwalokho, uMbule kusolakala ukuthi wephule imigomo yeqembu ngokufika nomuntu ongagunyaziwe ekhempini yeqembu eThekwini.
Ngenxa yalokho, ubuyiselwe eGoli, kanti ngeke esaba khona emdlalweni weSekhukhune neRichards Bay ngoLwesithathu.
Umsebenzi kaMbule wonakaliswe yizinkinga zokugakwazi ukuziphathisa okomdlali webhola elikhokhelayo kanti akamusha ekubeni sematheni ngezizathu ezingalungile.
Ngesikhathi ekwiMamelodi Sundowns, kubikwa ukuthi uke wamiswa ngenxa yokufika ejimini utshwala bugcwele ikhanda.
Phezu kwalezi zinselelo uSipho Mbule ukhombise ithalente elibalulekile ebholeni elimenze washeshe wangena eqenjini eliqala imidlalo kwiSekukhune.
Ubesanda kuthola ifomu yakhe kusukela ejoyine iBabina Noko lapho enikezwe khona ithuba lokudlala njalo.
Ukuleli qembu ngokubolekiswa yiSundowns emdedele ngoba efisa ukuthola ukudlala njalo.
Phezu kwamagalelo akhe enkundleni kodwa izinkinga zikaMbule zokungaziphathi kahle zibukeka zingas ezigcine ziqedile ngaye.
ISekhukhune ayikasikhiphi isimemezelo esisemthethweni mayelana nalesi simo ngoMbule ngokuthi ngabe izombuyisela kwiSundowns manje noma izomyeka kuphele isizini.
Nokho imithombo iveza ukuthi ikilabhu izimisele ukunqamula ubudlelwano nalo mdlali wasesiswini.
Lesi sinqumo senza kube nokungabaza ngekusasa likaMbule kwiPremier Soccer League.
Phela irekhodi lakhe lokuhluleka wukuziphatha ngendlela efanelwe lisaqhubeka nokubakhathaza emaqenjini abengase afise ukumsayina.
