EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs icabanga ukubolekisa ngabalizwa ngendaba ijezi

Laba badlali ababili – uNkanyiso Shinga no-Ethan Chisslett – abakaze badlale kwiPSL phambilini. Basayinwe yiKaizer Chiefs ngoJuni.

UShinga ubedlala kumaligi aphansi ePortugal. UChisslett naye ubesemazingeni aphansi e-England.

ISoccer Beat ibika ukuthi umthombo uthi Amakhosi manje ayabona ukuthi ukuntula kwabo ulwazi lwezinga eliphezulu kuyababambezela, futhi manje ifuna ukubasisa kwelinye iqembu.

Kuthiwa izinga abake badlala kulo phambilini, neBetway Premiership kuhlukene kakhulu, futhi badonsa kanzima ukuzijwayeza nezimo.

Umbiko uthi ikilabhu ilinde ukubona ukuthi umkhankaso wayo weCaf Confederation Cup uhamba kanjani ngaphambi kokuthi ithathe isinqumo esingujuqu ngalaba bobabili. 

IKaizer Chiefs manje isisesigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano wezwekazi, kanti ikusasa likaShinga noChisslett lingase licace ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Kuthiwa leli qembu alinaso isiqiniseko sokuthi lizobadedela kanjani okwamanje njengoba linebhadi lokulinyalelwa okungalenza ligcine lishodelwa abadlali uma bededelwa manje. 

Okucacayo wukuthi lizozama ukubuyela emakethe ngoJanuwari, lithole abadlali abanamava bes elikwazi ukudedela laba.