
Isasasa ngoPercy Tau: ingabe kwenzekani ngaye?
Ingabe ubuyela nini ebholeni elikhokhelayo u-Percy Tau? Lo mdlali wakudala weBafana Bafana sekunesikhathi engenalo iqembu.
UTau, oneminyaka engu-32, usalokhu engenalo iqembu selokhu ehlukane neNam Dinh yaseVietnam ekupheleni kwesizini edlule.
Ubehlale kuyo isizini eyodwa kuphela. Kuke kwaba nemibiko emmatanisa neKaizer Chiefs, kodwa akukho okwagcina kwenzekile.
Lo mdlali ohlaselayo usanda kususa isasasa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokushicilela amavidiyo akhe ezilolonga.
Okudonse amehlo kakhulu kube ukuphawula kukaMosimane ngaphansi kwevidiyo ka-Percy Tau, lapho ebhale khona wathi: “The return!!!” okusho ukubuya.
La mazwi avuse amathemba okuthi lo mdlali angase abuyele enkundleni maduze, nakuba kungakacaci ukuthi uzolithola kuphi iqembu elisha.
UTau ubonakale ezilolonga endaweni ewubhuqu futhi evulekile okubukeka sengathi kusemakhaya, kodwa akukaziwa ukuthi ukuphi nokuthi yiziphi izinhlelo anazo ngekusasa lakhe.
Okwamanje, akukho simemezelo esisemthethweni ngeqembu elisha likaTau.
- FUNDA NALA | Awe-EPL alobizela oweBafana
Kodwa ukuzilolonga kwakhe kukhombisa ukuthi akakakulahli ithemba lokubuyela ebholeni.
Umbuzo osalayo uthi: Ingabe likhona iqembu elizomnika ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe?
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
