
USeema uphendule amahlebezi okuxoshwa ehlulwa yiDowns
ULehlohonolo Seema uye emdlalweni wezakhe, iSekhukhune United, neMamelodi Sundowns kunamahlebezi okuthilizokhala izembe uma ehluliwe.
NgoLwesithathu kuvele imibiko ethi abaphathi beSekhukhune abeneme ngemiphumela yakamuva yaleli qembu.
Kuze kwathiwa indlela abakhathazeke ngayo, bambekele ugwayi katiki ngomdlalo weSundowns.
Kuthiwa bathe uma ehlulekakuwo, kuzomele aqoqe amasakana akhe abone afika ngayo.
Ebuzwa ngala mahlebezi ngemuva komdlalo, uSeema uthe yena ugxile ekulawuleni lokho anamandla okukulawula.
“Mina ngiphila ngomgomo olula wokuthi ngilawula engikwazi ukukulawula,” kusho uSeema.
“Okwami nethimba lami labaqeqeshi wukuthi silungiselele iqembu imidlalo.
“Okunye anginawo amandla okukulawula futhi angizikhathazi nhlobo ngakho.”
Emdlalweni, iSundowns isheshe yakukhombisa ukuthi ngeke imenzele ufefe lo mqeqeshi uma kuwukuthi ngampela izembe seliloliwe kuye.
UThapelo Morena uyibeke phambili ngomzuzu ka-16, kwacaca ukuthi kuzosinda kwelasekhaya kulo mdlalo weBetway Premiership obusePeter Mokaba Stadium endala.
UKatlego Otladisa ubuyise ithemba kuSeema, eshaya elokulinganisa ngomzuzu ka-35.
Kodwa uLucas Suarez uqinisekise ukuthi kuyiwa ekhefini iSundonws isahamba phambili ngegoli alishaye ngomzuzu ka-39.
Ibuyeesiwombeni sesibili ingasagayelwe mphako, yashaya amanyeamabili okube ngonyawo lukaLucas Ribeiro no-Arthur Sales.
UKeletso Makgalwa ulitholile elinye leSekhukhune, kodwa kwasho ukuthi isikhathi asisekho, bagcina beguqile.
Sekuzocaca ngokuhamba kwezinsuku ukuthi ngabe lamahlebezi avele ngoSeema ngaphambi komdlalo abeyiqiniso kangakanani.
