EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uveza okumchaza ngoVan Rooyen

  • Sibongiseni GUMBI

UVan Rooyen ujoyine iPirates kuleli sonto esuka kwiStellenbosch FC ngenkontileka yeminyaka emithathu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-27, odlala emuva kwesokudla ubedingeka impela kwiPirates. 

“Ungumdlali onesipiliyoni kwiligi, usesikhathini esihle ebholeni lakhe njengoba eneminyaka engu-27,” kusho uRiveiro kwiSABC Sport

“Uyakwazi ukulwela izindebe njengoba enze umsebenzi oncomekayo kwiStellenbosch. 

“Uzokwengeza isinongo esihlukile uma sivika izitha noma sizihlasela.”

Amava kaVan Rooyen adingeka kakhulu kwiPirates, njengoba indawo yangakwesokudla emuva ibe yindawo eyinkinga muva nje. 

Njengoba uBandile Shandu noThabiso Lebitso belimele, uVan Rooyen uzobanga ijezi noThabiso Monyane okwamanje.

“Siyajabula ukwamukela abadlali abasha ngoba ngamunye unamandla nezimfanelo zokuba lapha. 

“Ngimfisela konke okuhle, futhi nginesiqiniseko sokuthi uzosisiza kakhulu kule sizini.”

IPirates izoqala imidlalo yeCaf Champions League ngempelasonto eMadagascar lapho izobhekana khona neCNaPS.

UVan Rooyen, onikezwe ijezi elingunombolo-30 kwiPirates, angase abonakale okokuqala kulo mdlalo.