Izinsolo ezimbi ngowayedlala kwiChiefs omisiwe kweleNFD
- Intatheli yeLISENETHINI
UGiven Thibedi, owake wadlala kwiKaizer Chiefs, kuvela amahlebezi okuthi umisiwe eqenjini adlala kulo njengamanje iCasric Stars.
Ukumiswa kwakhe kuza ngemuva kwezinsolo zokuthi udoje kaningi engafiki ejimini yaleli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UThibedi, owaqala ibhola elikhokhelayo kwiKaizer Chiefs ngemuva kokunyuselwa eqenjini elikhulu esuka enkulisa, ukhombise ukuba ngumdlali othembisaso.
Kodwa ngenxa yokungalitholi ithuba lokudlala, wabe esebolekiswa kwiMoroka Swallows isadalala kwiChampionship.
Waba ngomunye wabadlali abenza kahle kuleli qembu, balisiza ukuthi linqobe kwiChampionship, linyukele kwiPremiership.
Kuthe noma seyikwiPremiership iSwallows, waqhubeka nokudlala kuyo isizini eyodwa, wabe esebuyela kwiChiefs.
Nokho akazange avuselelelwe inkontileka yakhe eNaturena, wabe esekhululwa njengoba ebe esezitholela ikhaya kwiCasric Stars.
Ube esesayina neCasric Stars, enethemba lokuqala kabusha. Nokho ukuziphatha kwakhe kwakamuva kudale ukukhathazeka eqenjini.
Kuthiwa iCasric Stars ithathe isinqumo sokumisa uThibedi emsebenzini kuze kuphenywe kabanzi.
“Iqembu lilindele ukuthi abadlali balo baziphathe ngendlela efanele futhi bazinikele ngaso sonke isikhathi,” kusho umthombo.
“UThibedi ulbaphoxe kakhulu abaphathi ngoba kunezinsolo zokuthi kukhona la asethole khona, manje uphoqa ukuthi akhululwe.”
OLUNYE UDABA: UMosimane ubindwa eyenkontileka kaMokoena kwiSundowns
Ikusasa likaThibedi kuCasric Stars selibukeka lingaqinisekile. Umthombo uthe usola ukuthi khona iqembu elimthembisa okungcono.