
URenaldo Leaner uphawula ‘ngokukeqa’ uChaine kwiBafana
Unozinti weSekhukhune United, uRenaldo Leaner usephawule ngokufakwa kwakhe eqenjini leBafana Bafana okushiye abaningi bemangele.
Ukufakwa kwakhe kube sematheni kakhulu ngoba kudale ukuthi kusale ngaphandle uSipho Chaine we-Orlando Pirates.
Naphezu kwesizini emangalisayo kaChaine, uHugo Broos ukhethe uRenaldo Leaner oneminyaka engu-28 ubudala ngaphambi kwakhe.
Uyingxenye yeqembu elilungiselela ukubhekana nePanama emidlalweni emibili yobungani kule mpelasonto nasekuqaleni kwesonto elizayo.
Lesi sinqumo sisuse inkulumompikiswano eshubile phakathi kwabalandeli, kodwa uLeaner uthe akumthusanga okwenzekile.
Ukhulume nezintatheli ngoMsombuluko ngesikhathi isikwati sihlangana ePitoli ukuzoqala ikhempu yokuzilungiselela.
URenaldo Leaner ugcizelele ukuthi ukuqokwa ngaphambi kwalo nozinti wePirates akuzange kumfice engalindele.
“Akungimangazanga,” kusho uLeaner. “Eqenjini lokuqala, kuhlale kunonozinti abahlanu…
“Kufanele uhlale ukulungele ukuqokwa ngoba kusuke kungenzeka noma yini.
“Uma uzizwa sengathi ngeke ungene eqenjini lokugcina, uma uthola ithuba, lizokufica ungalilungele.
“Ngakho mina ngihlale ngikulungele ukuthi ngingaqokwa noma nini.”
Yize uChaine enemidlalo eminingi, ukusebenza kahle kukaLeaner kule sizini akunakuphikwa.
ULeaner usangenelwe amagoli amahlanu kuphela emidlalweni engu-12 yeligi ayidlalile kwiBabina Noko.
Ngemuva kokukhishwa eqenjini eliqala imidlalo ngasekuqaleni kwesizini, uphinde walithola ijezi lakhe ngenxa yokuzimisela.
UBroos uchaze ukuthi leli windi liyithuba lakhe lokuhlola ukuthi uRenaldo Leaner ulilungele yini izinga lamazwe ngamazwe.
Uke waba khona eqenjini phambilini ngesikhathi lidlala imidlalo yobungani neTanzania neMozambique.
Sekusele izinyanga ezintathu ngaphambi komdlalo wokuvula iNdebe yoMhlaba la iBafana izobhekana neMexico.
Sekucacile ukuthi impi yezindawo zokwesek ukapteni uRonwen Williams usushube kakhulu.
URenaldo Leaner uyazi ukuthi ukusebenza kahle bebhekene nePanama kungaqinisa indawo yakhe endizeni eya eNorth America.
