
Ubebhekene nezinsolo ezibucayi oshiye Usuthu isigubhukane
AmaZulu FC asehlukane nomunye wabaqeqeshi bawo, uVusumuzi Vilakazi, osule isigubhukane ngoLwesibili.
Izindaba zokushiya kukaVilakazi Osuthwini ziqinisekiswe yileli qembu elizinze eThekwini.
Esitatimendeni, AmaZulu athe uVilakazi wesulile futhi wabeka izinkinga zasekhaya ezibhekene naye ngqo nezidinga abhekane nazo njengesizathu sokushiya kwakhe.
“UVilakazi ucele ukwehla esikhundleni ngokushesha,” sifundeka kanje isitatimende.
“Encwadini yakhe yokwesula, uVilakazi ubeke izinkinga ezidinga ukunakwa nguye ngqo ngokushesha.
“Lokhu kwenza ukuthi angakwazi ukuzibophezela ngokugcwele emisebenzini yakhe ekilabhini.”
Lesi sitatimende siphinde sathi umengameli weqembu uSandile Zungu ukwamukele ukwesula kwakhe ngaphandle kokungabaza.
“Lolu shintsho lushiya u-Arthur “Phakimpi” Zwane njengoyena mqeqeshi omkhulu, ukuya phambili.”
UZungu ucashunwe ethi, “Egameni lawo wonke umndeni woSuthu — abadlali, izisebenzi zezokuqeqesha nezokuphatha, abalandeli namalungu ebhodi — sifisela uMpiyakhe konke okuhle kakhulu emizamweni yakhe yesikhathi esizayo.”
ILisenethini nokho sithole ngemithombo esondelene neqembu ukuthi uVilakazi uphoqelekile ukuthi esule esikhundleni.
Ubhekane nezinsolo ezimbi abebekwe zona ngomunye wabadlali abadala eqenjini.
“Ube necala elibucayi abebhekene nalo mayelana nokukhethwa kweqembu eliqala imidlalo,” kusho umthombo.
“Umdlali (emusho ngegama) osenesikhathi enaleli qembu futhi ohlonishwayo ukhale ngaye kubaphathi.
“Kutholakale ukuthi ngempela ulenzile leli cala asolwa ngalo,kwacaca ukuthi kumele ahambe.”
ILisenethini iyalazi leli cala kodwa sinqume ukungalishicileli ngalesi sikhathi njengoba sisaphenyisisa kabanzi.
