
OwoSuthu uphawula ‘ngamadimoni kaVilakazi
Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, usedalule ukuthi kungani uVusumuzi Vilakazi esulile eqenjini.
UVilakazi, owaziwa ngelika “Kanu”, wehlile esikhundleni ngoMsombuluko, eshiya lo msebenzi abewenza ngokubambisana no-Arthur Zwane.
Ujoyine AmaZulu ngo-Agasti njengomqeqeshi weDStv Diski Challenge ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini lokuqala ngo-Okthoba.
Yena noZwane bangene esikhundleni sikaPablo Franco Martin, oxoshwe ngenxa yokugqoza kwemiphumela eqenjini.
Ekhuluma ohlelweni lwePrime Time Sports kuKhozi FM, uZungu uthe iqembu noVilakazi bavumelana ngokusula kwakhe.
UVilakazi ubalule ukuthi unezinkinga ezibhekene naye ngqo adinga ukuzilungisa futhi angafuni ziphazamise iqembu.
“Usitshele ukuthi ubhekene nezinkinga ezimphazamisile emsebenzini,” kusho uZungu.
“Ucele ukukhululeka emisebenzini yakhe ukuze agxile kuyo.
“Saba nemihlangano futhi sasamukela isicelo sakhe. Simfisela okuhle kodwa njengoba elunisa lezi zinselelo.”
UZungu uncome umsebenzi kaVilakazi, ikakhulukazi ukusebenzisana kwakhe kahle noZwane.
Ugcizelele ukuthi ayikho ingcindezi abayifake kulo mqeqeshi ebingamphoqa ukuthi asule.
“Le kilabhu ingeyesizwe MaZulu. Uma kukhona okuvimbela inqubekelaphambili, sikhuluma ngakho ngokukhululekile,” kusho uZungu.
“UVilakazi uvumile ukuthi izinkinga zakhe zingaphazamisa iqembu. Senze isinqumo esivuthiwe sokuhlukana njengabantu abadala.”
UZungu uwaphikile amahlebezi okuthi kukhona ukungezwani phakathi kukaVilakazi, uZwane, nomqondisi wezokuqeqesha uPedro Dias.
“Lokho kungamanga,” kuchaza uZungu. “UVilakazi usebenze kahle nawo wonke umuntu. Ukube bekunenkinga, ubezongitshela.”
UZungu naye akakwazanga ukuphawula ngamahlebezi okuthi uVilakazi kunephutha elikhulu alenzile kuleli qembu.
ILisenethini ithole ngemithombo yayo ukuthi uVilakazi ucetshwe ngomunye wabadlali ngakwenzile okungafanele.
Kuthiwa yikho okwenze abone kungcono alibalekele lelicala ngokuthi asheshe ashiye.
“Sivumlene ngokuhlukana njengabantu asebekhulile,” kusho uZungu.
“Ngeke, nokho, ngiveze imininingwane noma ngikhulume ngento engalimaza igama likaVilakazi.”
Uqhube wathi bamdedele ngoba ethi ufuna ukuyobhekana nakubize ngamadimoni amhluphayo.
