
Uphelelwe yindawo kwiDowns ‘owagabha’ iPirates
IMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi isezinhlelweni zokunciphisa isibalo sabadlali njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.
Leli qembu linabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu, okwenza abanye bagcine sebelizwa ngendaba ijezi.
Omunye walbo badlali abanjalo, ngumdlali wasemuva kwesokudla uZuko Mdunyelwa.
Lo mdlali wasemuva osezingeni eliphezulu ujoyine iSundowns ngonyaka odlule.
Kodwa wehlulekile ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo.
Ngaphambi kokusayina kumaBrazilians, uMdunyelwa ubemataniswa kakhulu ne-Orlando Pirates.
AmaBhakabhaka abethungatha umdlali azoqinisa ngaye emuva kwesokudla ngaleso sikhathi.
Kodwa waqoka ukuya kwiSundowns okuthe uma imsayina, iPirates yaphendukela kuThabiso Lebitso, oyijoyine mahhala ngemuva kokushiya iChippa United.
Kamuva, iPirates yengeze uDeano van Rooyen weStellenbosch FC kule ndawo okuvele kukhona uJames Monyane noBandile Shandu kuyo.
KwiSundowns, uMdunyelwa ubhekane nombango onzima wendawo yokudlala eqenjini.
Uhlezi ngemuva kukaKhuliso Mudau noThapelo Morena kule ndawo adlala kuyo.
Manje, iSoccer-Laduma ibika ukuthi iSundowns ihlela ukubolekisa uMdunyelwa ngewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari.
“Izingxoxo bezilokhu ziqhubeka isikhathi eside ngokuthi kumele abolekiswe.
“Futhi ithimba labaqeqeshi lijabule ngalowo mbono ngoba kuzomnika ithuba lokuthi adlale.
“Ungumdlali osezingeni eliphezulu, kodwa abaqeqeshi njengamanje bathembele kuKhuliso Mudau noma uThapelo Morena kanti kusekhona noKeegan Johannes osalimele.
“Ngakho, bancamela ukuba nalabo abathathu, babolekise ngoMdunyelwa.
“Bazobe beqaphe isimo sikaMudau kuthi uma kwenzeka ethathwa elase-Europe noma eNorth Afrika, babuyise uMdunyelwa.
“Kodwa okwamanje, banomuzwa wokuthi isixazululo esingcono kakhulu wukubolekisa ngoZuko,” ucashunwe usho kanje umthombo.
