
UPercy Tau uvukile, ibhubesi seliyabhonga futhi
UPercy Tau ushaye igoli lakhe lesihlanu kwiligi kule sizini kwi-Al Ahly ngoLwesithathu ebusuku, elokuqala kusukela ngo-Okthoba.
Ulishaye ngesikhathi beguqisa ngo 2-1 i-Ismaily emdlalweni we-Egypt Premier League.
Udedele ishodi engaphandle kwebhokisi, lazishayisa kumdlali labe selimeqa unozinti we-Ismaily u-Ahmed Adel, wabeka i-Ahly phambili ngo 1-0 ngomzuzu ka-33.
UPercy Tau usenamagoli amahlanu emidlalweni eyisithupha kuphela yePremier League ayidlalile kwi-Ahly kule sizini.
I-Al Ahly isalele emuva ngemidlalo ekhaya ngenxa yokudlala kwayo kwiCaf African Football League nakwiCaf Champions League.
KwiChampions League ize yafika kowamanqamu la izobhekana khona ne-Esperance yaseTunisia.
Njengamanje i-Al Ahly isendaweni ka-11 kwi-Egypt Premier League, kodwa inemidlalo okungenani emihlanu esandleni.
OLUNYE UDABA:Â Iyobagqwaba eBloemfontein abalandeli iBafana
Njengamanje yiPyramids FC okudlala kuyo uFagrie Lakay eqhwakele ngamaphuzu angu-14.
UTau unamagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-26 kuyo yonke imiqhudelwano ye-Ahly kule sizini.
Lona bekuwukuqala kwakhe ukudlala esigabeni esiphezulu kwi-Ahly kusukela ngoNovemba – uchithe isikhathi engaphandle ngenxa yokulimala emlenzeni.
Kuphinde kwaba igoli lesithathu lalo mdlali oneminyaka engu-29 edlala ne-Ismaily kule sizini.
Washaya amagoli amabili ekhaya bedlala nembangi efanayo kwi-Egypt Premier League ngo-Okthoba.
Ukubuyela kukaPercy Tau efomini yokushaya amagoli kufike ngesikhathi esikahle iBafana Bafana ibheke emidlalweni ebalulekile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.Â
Akabanga nomqhudelwano omuhle kwiCaf Africa of Nations ngoJanuwari, uze wahsiywa ngaphandle eqenjini elidlale eyobungani ngoMashi.
Nokho ke kulele kumqeqeshi uHugo Broos ukuthi uyambuyisa yini lo mgadli noma uqhubeka ngaphandle kwakhe.
