Iyobagqwaba eBloemfontein abalandeli iBafana
IBafana Bafana iwuthuthele eBleomfontein umdlalo wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 lapho izobhekana khona neZimbabwe ngoJune 11.
Ibamba lesikhulu esiphezulu kwiSafa, uThulani Ngwenya, ukuqinisekisile ukuthi iqembu lesizwe lizobuyela eBloemfontein okokuqala ngqa kusukela ngeNdebe yoMhlaba ka-2010. Bagcine ukudlala kuleli dolobha ngesikhathi beshaya iFrance ngo 2-1 emqhudelwaneni owawubanjelwe kuleli eminyakeni engu-14 edlule.
“Sikubheke ngabomvu ukudlala lo mdlalo eBloemfontein, siyacela kubalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzokweseka iqembu.
OLUNYE UDABA: OweBucs uveza obekumkhathaza ngoShalulile
“Abalandeli badlala indima ebaluleke kangaka kubadlali, kanti iFree State Stadium egcwele phama ingabakhuthaza kakhulu,” kusho uDkt Ngwenya.
IBafana, ecijwa uHugo Broos, ikuGroup C kanti izoqala imidlalo yokuhlungela lo mqhudelwano ozodlalelwa e-United States of America, Canada naseMexico lapho bezotholana phezulu neNigeria ngoJuni 7.
ISafa izokwazisa ngemininingwane mayelana nesikhathi sokuqala kwemidlalo namanani amathikithi ezinsukwini ezizayo.