Carling Knockout CupEzintsha

UParker uveza okwenze angabe owokuqeqesha kwiGalaxy

UBenard Parker, obengumgadli ohlonishwayo kuleli, useveze okwenze anqabe ukuyohlala ebhentshini eqenjini elikhulu kwiTS Galaxy. 

Uthi wenqabe umsebenzi wokuba yiphini lomqeqeshi kuleli qembu ngemuva kokuhamba kukaSead Ramovic obengumqeqeshi phambilini. 

Ekuhamnbeni kukaRamovic, osekwiYoung Africans eTanzania, ushiye kuleli qembu emasontweni ambalwa edlule.

Esikhundleni sakhe kuqashwe u-Adnan Beganovic kanti ulekelelwa yinkakha yebhola lakuleli, uVuyo Mere okunguye othathe owokuba yiphini. 

UParker utshele iLisenethini ukuthi uTim Sukazi ongusihlalo weGalaxy wamnxenxa ukuthi abe yiphini. 

“Kodwa ngenqaba ngoba ngifuna ekugxileni eqenjini leDDC (DStv Diski Challenge),” kusho uParker kuleli sonto. 

“Ngabe sengicela ukuthi okungcono akube uVuyo Mere othatha lowo msebenzi wokuba yiphini lomqeqeshi.” 

UParker, oyinxusa lomkhankaso weCarling Black Label i#NOEXCUSE utshele iLisenethini ukuthi amadoda angabamba iqhaza elimqoka ekukhuliseni abancane babe ngamadoda emadodeni.

Khona manjalo uNonjabulo Ndwedwe oyimenenja yezokukhangisa kwaCarling Black Label  unxuse abenbza umehluko emphakathini bavele.

Uthe banxusa abantu abenza umsebenzi wokukhulisa abantwana besilisa ukuba ngamadoda aqotho emphakathini bavele ngaphambili ukuze bathole ukusizakala kwaCarling Black Label. 

Abafuna usizo bangaxhumana nabo kulenombolo kaWhatsApp ethi: 0800 150 150.