
Kugajwe izifundazwe ezimbili kweye-ABC Motsepe League
Sekusuke umsindo ngemidlalo yookuhlunga ye-ABC Motsepe League njengoba iSafa isiwakhiphile ngokusemthethweni amaqembu aseLimpopo nawase-Eastern Cape.
Lokhu kungenxa yezingxabano ezingakaxazululwa eziqhubekayo kuzo zombili izifundazwe.
Lezi zingxabano bezingase zibambezele ukuqhubeka kwemidlalo yokuhlunga okumele kuphume kuyo amaqembu amathathu azonyukela esigabeni sokuqala sebhola elikhokhelayo.
Leli bhomu livele encwadini ebhalwe ngomhla ka-1 kuJulayi ka-2025, ekhishwe yibamba lesikhulu esiphezulu kwiSafa uTebogo Monthanthe.
Le ncwadi ibibhalelwe izifundazwe zalo soseshini nesigungu esiphezulu sikazwelonke.
Le ncwadi iqinisekisa ukuthi amaqembu ayisikhombisa kuphela — avela ezifundazweni eziyisikhombisa — aqhudelana kulo mqhudelwano kazwelonke walo nyaka.
Awekho waseLimpopo nawase-Eastern Cape njengoba kusenemibango ngokuthi yiliphi iqembu okumele limele isifindazwe ngasinye.
“Ngemva kokucabangela isimo sezingxabano zamanje,” ifundeka kanje ingxenye yale ncwadi.
“Futhi ukuze kuvikelwe ubuqotho bomncintiswano igama lenhlangano nabaxhasi…
“IKomidi lemiNcintiswano lihlanganile labe selinquma ukukhipha noma yiliphi iqembu laseLimpopo nelase-Eastern Cape,” kwengeza le ncwadi.
Nansi indlela umncintiswano osuzokwenzeka ngayo manje:
- Iqoqo A: Linamaqembu amathathu
- Iqoqo B: Linamaqembu amabili
- Iqoqo C: Linamaqembu amabili
Ophume isibili ohamba phambili kuGroup A nguye ozodlulela phambili ukuze kulingasizwe isibalo samaqembu esigabeni somkhumulajezi.
Lokhu kusho ukuthi i-ABC Motsepe League National Playoffs ka-2025 izoqhubeka ngaphandle kwezifundazwe ezimbili.
Lokhu kuphakamisa imibuzo ebucayi mayelana nokuphathwa kanye nokuxazululwa kwezingxabano ebholeni lezigaba zeSafa.
Njengoba lamaqembu elwela ukunyuselwa kwiMotsepe Foundation Championship, le midlalo ibaluleke kakhulu.
Amaqembu asebenza unyaka wonke elwela ukuba athole ithuba lokudlala kuyo, ukuze abe sethubeni lokunyukela ezigabeni ezikhokhelayo.
Kodwa ukungabikho kwezifundazwe ezimbili kwenza kube nefu elimnyama phezu kwalo mqhudelwano.
Kulindeleke izigemegeme ziqhubeke njengoba kuqhubeka le midlalo nje…
Amaqembu aseLimpopo nase-Eastern Cape angase aphikisane nalesi sinqumo seSafa sokuwavalela ngaphandle.
