
Esinye isihlabani sesiyanine kwi-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates isiphinde yagxumisa izinhliziyo zacishe zaphuma ngomlomo kubalandeli imemezela umdlali wayo esimsayinile.
Leli qembu seligcine limtholile u-Oswin Appolis obese kunesikhashana limfuna kodwa iPolokwane City inqaba naye.
Nokho ngoLwesithathu ekuseni i-Orlando Pirates imemezele ukuthi lo mdlali wasesiswini ophikweni ohlaselayo usengowayo.
Ube ngumdlali wesishiyagalolunye ukwethulwa yiPirates njengoba imatasa nezinguquko zokulungiselela isizini entsha nje.
Isivele ike yabajabulisa abalandeli bayo yethula uSipho Mbule ebimbanga neKaizer Chiefs naMaZulu FC phakathi kwamanye amaqembu.
Manje i-Orlando Pirates seyiphinde yashiya iChiefs incela izithupha futhi ngokusayina kuqala u-Appolis.
Phela iChiefs kuke kwavela ukuthi beyimfuna ngesizini edlule, kodwa isicelo sayo sokudayiselwa yena sachithwa.
U-Appolis ubeke wamataniswa nanezinkunzi zaseTunisia i-Esperance, kodwa kwagcina kungalunganga iPolokwane City ishintsha umqondo ngemizuzu yokugcina.
Akucaci ke ukuthi ngabe seyiqedile yini ekuthengeni iPirates okusalindeleke ukuthi idedele inqwaba ukuze ingagcini inabadlali abaningi kakhulu.
Kodwa okucacile wukuthi umqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou uzophathwa yikhanda uma sekumele asethe iskimu sakhe kuleli qembu.
Kusangenzeka iphinde yengeze nangoPercy Tau ngaphezulu njengoba naye engenalo iqembu azodlala kulo njengamanje.
Kubhekwe ngabomvu ukuthi yena uzophelela kuphi ngesizini ezayo.
Kodwa noma ngabe yiliphi iqembu elizomsayina, lizobe lithole inkunzi emidwayidwa futhi enamava amakhulu.
Ukusayinwa kuka-Appolis nabanye kuyisitatimende esicacile sokuthi i-Orlando Pirates isikhathele ukuphathela iMamelodi Sundowns ipotimende emjahweni wesicoco seligi.
Kusobala ukuthi kulokhu ifuna ukuyinyakazisa okwangempela, futhi uma kwenzeka, isihlwithe lesi sicoco esesilale eChloorkop iminyaka eyisishiyagalombili kulandelana.
