Ezintsha

Unikwe incwadi emkhululayo oweRoyal AM

UMxolisi Macuphu, ongomunye wabagadli bakuleli abanamava, usekhululiwe yiRoyal AM futhi usengaya kunoma yiliphi iqembu.

Njengamanje iRoyal AM ingaphansi komlawuli wakwaSars ngenxa yesikweletu sentela sika-R40 million esixhumene nomengameli weqembu uShauwn Mkhize. 

Izinkinga zezimali zidale ukubambezeleka ekukhokheni amaholo kaNovemba noDisemba.

Lokhu kuholele ekutheni abanye abadlali bacele ukukhululwa ngesikhathi sewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari.

Nokho amaholo agcine ekhokhiwe, futhi abadlali babuyela ekuziqeqesheni.

Kodwa-ke, uMacuphu manje usekhululekile ukujoyina noma iyiphi ikilabhu mahhala.

ISABC Sport ibika ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala angase avumbuke kwiRichards Bay.

 INatal Rich Boys ilwela ukuvika izembe, ihlezi ngamaphuzu amathathu nje kuphela ngaphezu kwamaqembu aphansi iMagesi FC neRoyal AM ngemuva kwemidlalo engu-13.

Abaphathi bakaMacuphu banunusela iRichards Bay ngaye, bathi angaba wusizo kulo mkhankaso wayo. 

UMacuphu unamava njengoba eseke wadlala kwiGolden Arrows, iSuperSport United, iTS Galaxy, iChippa United, neBidvest Wits.

Unamagoli angu-35 emidlalweni engu-228 kwiligi enkulu kuleli kanti uMacuphu angaba wusizo eqenjini likaRonnie Gabriel.