
IKaizer Chiefs isingaphupha ngezindebe ezintathu – Kaze
ALFRED Ngubane
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, uthi uyayamukela ngokugcwele inkulumo ekhulayo yokuthi kungenzeka baze izindebe ezintathu.
Uthi ingcindezi ehambisana nalolu hlobo lwenkulumo yinto wonke umqeqeshi othanda ukuvelela ayiphilelayo.
Ngemuva kokuqeda isomiso sezindebe seminyaka engu-10 ngesizini edlule, iKaizer Chiefs izithola ilwela izicoco ezintathu kulokhu.
Isemjahweni wokulwela isicoco seBetway Premiership, eseCaf Confederation Cup neseNedbank Cup — njengoba kusondela ukuphela kwalo mkhankaso.
“Kuphakathi nesizini futhi sikhuluma ngezindebe ezintathu — futhi ngiyakuthanda lokho.
“Wonke umqeqeshi unephupho. Yingakho ngivuka ngalo ngo-6 ekuseni futhi ngilale ebusuku kakhulu ngilungiselela.
“Akukho okuza kalula ngaphandle kokusebenza kanzima,” kusho uKaze.
UKaze ugcizelele ukuthi iChiefs izibeka ngamabomu ezindaweni lapho impumelelo ingenzeka khona.
“Sizidonsela kuzo zonke izimo ezinhle ukuze sisebenzele konke okuhle okungenzeka kithi.
“Sizoqhubeka sibone ukuthi singafinyelela kude kangakanani,” kwengeza lo mqeqeshi.
Ngaphandle kwezindebe, lo somaqhinga waseBurundi uphinde wagqamisa ukuzibophezela kweChiefs ekuthuthukisweni kwamakhono asemancane.
Wenze isibonelo sokudlalila okokuqala Thulani Mabaso emdlalweni obalulekile weCaf Confederation Cup eNdola, eZambia.
UKaze uveze ukuthi uhambo lwalo mdlali wasesiswini owazalelwa eMeadowlands, eSoweto luphathwe ngokucophelela.
Kuqale ohambweni lokulungiselela isizini lwaseNetherlands kwaya ekutheni abuyiselwe eqennjini lweDStv Diski Challenge ukuyohlola isimilo sakhe.
“Besifuna ukubona ubuqotho bakhe,” kuchaza uKaze. “Ithalente lilodwa alanele.
“Udinga amandla engqondo, ubuqotho nekhono lokusingatha ingcindezi — ikakhulukazi ekilabhini efana neKaizer Chiefs.”
Ngokusho kukaKaze, indlela akenze ngayo uMabaso ikhombise ukuvuthwa ngaphezu kweminyaka yakhe.
“Uziqeqeshe kahle, wadlala kahle futhi wakhombisa ubuqotho. Yileyo ndlela owazi ngayo ukuthi umdlali angahamba ibanga elide.”
FUNDA NALA | Ayidlalanga kahle, yenze okufanele iChiefs
IChiefs ishaye iZesco United ngo 1-0 kuyo yomibili imilenze kwiConfederation Cup ukuze izigcine isemjahweni wokungena esigabeni somkhumulajezi.
Isendaweni yesithathu kuGroup C, ibambene ngamaphuzu ayisikhombisa neZamalek esendaweni yesibili njengoba sekusele imidlalo emibili kuphela kulesi sigaba.
