
BUKA: UDlangalala uphawula ngomfana ‘oyibhola laseNingizimu Afrika’
U-Zipho Dlangalala useveze umbono wakhe ngevidiyo ethrendayo yomfana wesikole edlala ibhola.
Uthi le vidiyo ikhombisa kahle ukuthi yini eyenza ibhola laseNingizimu Afrika lihluke.
Kule vidiyo, lo mfana ogqoke umfaniswano wesikole ubonakala edlala nabangani esikoleni.
Okwenza abantu bakhulume kakhulu yikhono alikhombisayo ngesikhathi edlulisela ibhola esebenzisa ingemuva lethanga lakhe.
U-Zipho Dlangalala uthi leli khono alikhombisi nje ubuchule kodwa likhombisa nendlela abadlali baseNingizimu Afrika abacabanga ngayo uma bedlala.
“Uma kwenzeka ungazi ukuthi yini ekhombisa ibhola lethu, nansi,” kusho uDlangalala engxoxweni neLisenethini.
“Wenza kube sengathi kulula, kunokuzigqaja okwenza kubonakale sengathi kulula, kodwa empeleni kuyinto enzima kakhulu.
“Ubani-ke ongacabanga indlela yokuthi angamqeqesha kanjani umdlali ofana nalo?”
Uthi inselelo enkulu akukhona nje ukufundisa umdlali ukuthi enzeni ngaleli khono, kodwa ukuqonda indlela acabanga ngayo.
“Iyiphi indlela engasetshenziswa ukukhulisa lolu hlobo lokucabanga ngaphambi kokuthi kufike esigabeni sokwenza?,” kuqhuba yena.
“Okwamanje ayikho into ebhalwe phansi ‘evunyiwe, eyaziwayo noma efundiswayo’ engasetshenziswa ukuphatha lolu hlobo lomdlali.”
UDlangalala ukholwa ukuthi abadlali abanekhono elingajwayelekile njengalalomfana bavame ukunganakwa, banganikwa amathuba.
“Labo abanalo leli khono bayazitshwa. Umdlali ocabanga ngendlela ehluke kangaka!
“Akulula ukuvele umbize ngokuthi uyabukisa kunokumbona njengomdlali webhola?
“Yithi esilahlekile — thina ma-Afrika,” kwengeza lo makadebona womqeqeshi.
- FUNDA NALA | UZungu ukwamukele kahle ukwehlulwa kwakhe
Umyalezo ka-Zipho Dlangalala ucacile: uma umdlali onekhono elifana naleli, uvele abizwe ngeShowman, bese kuba wukulahleka kwethalente eliyingqayizivele.
Buka le vidiyo yalo mfana enza izimanga zakhe ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
