AmaZuluEzintsha

UZungu ubhoboka ngokwenze ‘adube’ ibhola isikhashana

Umdlali wasesiswini waMaZulu FC, uBongani Zungu, uthi ubelidinga leli khefu ake walithatha ebholeni.

UZungu uthole isikhathi sokuphumula athi simsize kakhulu ukubuyisela isimo sakhe sengqondo kwesifanele.

Lo mdlali onekhono elihle udedelwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule nakuba ebengomunye wabadlali abenza kahle. 

Uhlale izinyanga ezicela kweziyisithupha, engazihlanganisi nebhola elikhokhelayo futhi ezicija ngokwakhe. 

Nokho usebuyele njengoba ejoyine AmaZulu ngoDisemba kulandela ukuzishayisa kwakhe ngomoya. 

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala usedlale imidlalo emibili Osuthwini futhi washaya negoli elilodwa.

Ekhuluma ne-iDiski Times muva nje, uZungu uthe ikhefu limsizile ukulungiselela ikusasa.

Limnike isikhathi sokuthi abuyisele umqondo wakhe endaweni efanele, akhanyiseleke nangakufunayo empilweni. 

“Kimina, ngiyimi nje njengomuntu, uyazi, bengisidinga lesi sikhathi,” kusho uZungu.

“Bengibhekene nobunzima obuthile ngokwengqondo. Bekuyisikhathi esinzima kakhulu.

“Ngakho ngathatha isikhathi ukuze ngikwazi ukuhlala nomndeni wami futhi ngizame ukuzibuza ukuthi yini engiyifunayo manje.

“Nokuthi yini engiyidingayo ngomsebenzi wami ngalesi sikhathi. Ngakho, leso sikhathi sibe sihle ngempela.

“Bengithatha isikhathi kodwa bengiqhubeka ngizicija ngedwa. Kunzima ke ukuziqeqesha uwedwa. 

“Kodwa ngisebenzise amandla engqondo ukuze kuthi lapho ngizizwa ngikulungele ukudlala futhi, ngibe ngisesimweni eihle.”