
UNabi uphawula ngokuhubha kweChiefs u-Ighodaro
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usekhulume ngentshisekelo yeqembu lakhe kumgadli weMamelodi Sundowns, uEtiosa Ighodaro.
Nokho uxwayise abalandeli ukuthi akukho okuphathekayo ngalo mgadli okwamanje ngakho bengaqale bamjabulele.
U-Ighodaro, ochithe isizini edlule ebolekiswe kuMaZulu FC, ubelokhu emataniswa kakhulu naleli qembu laseNaturena.
Lokhu kwenzeka njengoba iChiefs iqhubeka nokuqinisa iqembu layo ngaphambi komkhankaso weBetway Premiership ka-2025/26.
Lo mdlali waseNigeria oneminyaka engu-24 ubudala udlale imidlalo engu-27 oSuthwini ngesizini edlule, washaya amagoli ayisithupha.
Lokhu kube ngokwanele ukwanelisa uNabi nethimba lakhe ukuthi angaba wusizo eqenjini labo.
Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kweBetway Premiership ngoLwesibili, uNabi uvumile ukuthi uyamhalela lo mgadli waseNigeria.
“Lowo mdlali (u-Ighodaro) ungowelinye iqembu okuyilo elilawula ikusasa lakhe,” kusho uNabi kwabeFARPost.
“Kodwa yena noma omunye umgadli osohlwini lwethu singakujabulela ukuba naye. Okwamanje, sizolinda ukuzwa kubaphathi bethu.”
IChiefs isivele isayine abadlali abaningana njengoba ilande u-Ethan Chislett, uSiphesihle Ndlovu, uThabiso Monyane, uPaseka Mako, uFlavio Silva, noNkanyiso Shinga.
Nokho isashoda kubagadli ikakhulukazi abawuhlobo oluthandwa uNabi – abanethambo futhi abakwazi ukubamba ibhola phambili.
Amakhosi, asanda kuphakamisa indebe yeNedbank, azimisele ukwakhela phezu kwalowo mfutho futhi akhohlwe ukubhacaza kwiligi kwangesizini edlule.
Ngenkathi ukusayinwa kuka-Ighodaro kungacacile ukuthi kuzokwenzeka noma cha, uNabi uqinisekile ukuthi ikilabhu iyamfuna umgadli.
Uthe ngokwakhe ufuna lowo mgadli ajoyine iqembu ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
