
UNabi akakhathazekile neze ngesiqhwaga esiyiDowns
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi akakazikhathazi ngeMamelodi Sundowns abazodlala nayo emzuliswaneni wesibili kwiCarling Knockout.
Lamaqembu aseke adlala kwiBetway Premiership kule sizini, Amakhosi akhala ngaphansi emdlalweni owashiya kunezinkulumo-mpikiswano eziningi.
Yingakho lo mdlalo wawo weCarling Knockout, ozoba ngoNovemba 2, eFNB Stadium usubhekwe ngabomvu.
Kuyinto engangabazeki ukuthi ezikaNabi ziyobe zifuna ukubuyisa izinduku zishisa, kanti iSundowns nayo izobe ibheke ukuqhubeka nokuzidlela amahlanga kwiChiefs.
Kodwa okwamanje uNabi akazikhathazile ngalo mdlalo ngoba usenemibili ebalulekile okumele adlule kuyo kuqala.
Amakhosi azobhekana neSuperSport United emdlalweni weligi ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama ePeter Mokaba Stadium, bese ibhekana neMagesi ngoLwesithathu.
Imiqondo njengamanje isemdlalweni weSuperSport, abayibhuquzise ngo 4-0 koweCarling Knockout ngempelasonto edlule.
“Sibe nemihlangano kuleli sonto ukuhlelela lo mdlalo kuphela. Asibheki kude kakhulu,” kusho uNabi.
“Sigxila emdlalweni olandelayo nokuthi sizowunqoba kanjani. Yonke imidlalo siyihlelela sengathi ngeyomkhumulajezi.
“Sihlezi zihlela ukuyinqoba. Kulo mdlalo asidlali iCarling Knockout. Sinomdlalo omqoka weligi esizobhekana kuwo neSuperSport futhi bonke abadlali bagxile kuwo.”
Yize beyihlule ngamagoli amaningi ngempelasonto edlule, uNabi akazikhohlisi ngobunzima bokudlala naMatsatsantsa a Pitori.
“Siyazi ukuthi iSuperSport United ingenye yamakilabhu amakhulu eNingizimu Afrika,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Siyazihlonipha zonke izimbangi esibhekana nazo. Siwubonile umdlalo wabo wokugcina la bebebhekene khona ne-Orlando Pirates…
“Bawakhile amathuba ngeminyakazo ekhomba ubuhlakani, sikuqaphelile lokho futhi njengamane sisebenza nabahlaziya amavidiyo ukuzilungiselela.
“Siyazi ngeke kube umdlalo olula. Bazobe bebheke ukuvuka bazithathe ngemuva kokwehlulwa emidlalweni emithathu kulandelana.
“Sikhulumile ngalokhu isonto lonke, futhi abadlali bethu bawulungele umdlalo ozoba nzima.”
