
‘UMukoko’ Matlou uveza inselelo enkulu ngeKaizer Chiefs
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uGeorge “Mukoko” Matlou usekhulume ngokuvulelekile ngobunzima obhekana nabo uma udlalela leli qembu elingelinye lamakhulu ezweni.
Uvumile ukuthi ukuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana kube ngenye yengcindezi ezinzima kakhulu kusukela ejoyine Amakhosi.
UMatlou usemabhukwini aleli qembu laseNaturaenna kusukela ngo-2022, kodwa isikhathi sakhe kuleli qembu siphazanyiswe kakhulu ukulimala.
Lokhu kunciphise isikhathi sakhe enkundleni futhi kwadonsa amehlo abalandeli abaphikisana ngokufaneleka kwakhe ukuba ngumdlali weChiefs.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usadlale kanye kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Ekhuluma ngokungagwegwesi kwiGagasi FM muva nje, uMatlou udalule ukuthi ukubhekisiswa kwayo yonke into ayenzayo kuke kwamgqilaza kakhulu emoyeni.
Uchaze ubudlelwano bakhe nabalandeli njegalobo bokuzwana namuhla, baphinde babe yinkukhu nempaka ngakusasa.
“Ngizokhuluma ngami ngoba bekunesikhathi la bengingadlali, ngakho ungacabanga nje ukuthi bekunjani ukungena ezinkundleni zokuxhumana.
“Ubufica abantu besho yonke into lena, abanhye bethi ‘Lona akadlali’. Ngahlaselwa. Kwashiwo izinto ezimbi ngami.
“Ungacabanga ke nje ukuthi bekwenzekani ngaphakathi kimi ngaleso sikhathi,” kusho uMatlou.
Phezu kwalokhu kugxekwa, uGeorge Matlou uthi usefunde ukuthi ukuqina ngokomqondo yinto ebalulekile uma udlalela iKaizer Chiefs.
“Ingcindezi ihlale ikhona. Kufanele ukhohlwe ngalokho abantu abakushoyo futhi ukhumbule ukuthi yini oyizele eqenjini. Bese ugxila ebholeni,” kuchaza yena.
“Abantu bayohlala bekhuluma noma ngabe wenza okuhle noma okubi. Udlala kahle, bajabule. Ube nomdlalo owodwa omubi, baphinde bakhulume futhi.”
Lo mdlali wasesiswini ukholwa ukuthi ukhiye wukuba uqine engqondweni bese ugxila emsebenzini wakho.
“Njengomdlali waleli zinga, kufanele ungawunaki umsindo, ugxile emsebenzini wakho bese usiza iqembu lakho lithole imiphumela.”
FUNDA NALA | UMofokeng akanandaba nokushaya amagooli, ufuna iwini
UGeorge Matlou manje unethemba lokuthi usedlulile ezinkingeni zokulimala futhi usebheke ukukhombisa iKaizer Chiefs ukuthi yini angayenza.
