Ezintsha

Uwuqala ebhentshini uKeagan Dolly kwelisha

UKeagan Dolly, obesekuphele izinyangana entunta nendishi, uzowuqala ebhentshini umdlalo eqenjini lakhe elisha ngoLwesithathu.

Lo mdlali onamava noseke wagijima kwiBafana Bafana, ugajwe yiKaizer Chiefs ngesizini edlule kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe.

Ubefike eNaturena ngo-2021 ebuya eFrance la abehlale khona iminyaka emine edlala kwiMontpeiler esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleliya zwe. 

Kodwa manje usebheke isiqalo esisha njengoba esejoyine iTS Galaxy edonsa kanzima kwiBetway Premiership.

Leli qembu ebelibukeka liza kahle, lisanda kumangaza abaningi obengumqeqeshi walo, uSead Ramivic esula isigubhukane.

Lo mqeqeshi ukhale ngeomzwangedwa nokuthi usephelelwe wumfuthi njengoba leli qembu liqhwandela emuva njengesikhukhukazi. 

Wathi ufike akhande abadlali, bese begcina bedayiswa bonke yena kudingeke aqale phansi futhi.

Nokho usesheshe wawuthola umsebenzi njengoba eseqashwe yiYoung Africans SC yaseTanzania. 

Ukubuyela kuDolly, usebhentshini njengoba iGalaxy izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

Akungabazeki ukuthi abalandeli bazobe bekubheke ngabomvu ukuthi uzodlala kanjani njengoba enesikhashana agcina ukubonakala enkundleni.