AmaqembuEzintsha

Livaleleke kwisiminyaminya elePSL, alifikile emdlalweni

Ungase ugcine uhlehlisiwe umdlalo weBetway Premiership kulandela ukuthi elinye lamaqembu obekumele liwudlale livaleleke kwisiminyaminya emgwaqeni. 

IGolden Arrows imemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuze kwashaya isikhathi okungabe kuqala ngaso umdlalo ingafikile enkundleni.

Leli qembu laseThekwini belisendleleni ebheke eHarry Gwala Stadium, eMgqungundlovu ngesikhathi livaleleka kwisiminyaminya.

Lesi siminyaminya, ngokusho kwe-Arrows, sidalwe yingozi ephoqe ukuthi kuvalwe imigwaqo ethile. 

“Kumapeketwane emgwaqeni,” kubhala i-Arrows ebiyodlala neRoyal AM kulo mdlalo ngoLwesibili ebusuku. 

“Iqembu lethu selivaleleke kwisiminyaminya amahora amane wonke ngenxa yenhlekelele yengozi nokuvalwa kwemigwaqo.”

Lokhu cishe kuzogcina ngokuthi kuhlehliswe isikhathi sokuqala komdlalo njengoba nonompempe bevalelekile kulesi siphithiphithi saseMgungundlovu.

“Onompempe nabo bavalelekile kulesi siminyaminya. Umdlalo wanamuhla akucaci ngawo. Sizonazisa okwenzekayo.” 

Akukhona okokuqala i-Arrows ivaleleka kwisiminyaminya ngenxa yengozi.

Naseminyakeni embalwa edlule, kwaba ngesifanayo kade iyodlala ePolokwane, yaficana nengozi emgwaqeni. 

Lowo mdlalo wagcine uhlehliselwe usuku olulandelayo kanti abadlali bayo balala khona ebhasini njengoba kwakunganyakazeki kwaze kwasa.