
UMokwena uchaza ‘eyokuvusa’ uFreese kwiWydad
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRulani Mokwena usechaze ukuthi yini ebe nomthelela esinqumweni sakhe sokufaka u-Allan Freese ethimbeni elimsizayo.
UMokwena wanikezwa inkululeko yokuhlanganisa ithimba lakhe ngokuthanda kwakhe ngesikhathi efika kwiWydad.
Akachithanga sikhathi ekuhlanganiseni ithimba lakhe, elanda abantu aseke wasebenza nabo phambilini.
Kulaba kukhona uSinethemba Badela oyiphini lomqeqeshi, uSibusiso Mahlangu ololonga imizimba noSibusiso Makitla ongumhlaziyi.
UFreese ungumqondisi waleli thimba futhi wake wasebenza noMokwena kwiSilver Stars kudala. Manje sebephinde bahlangana kwiWydad.
“Bheka, ngicabanga ukuthi uyabona kwenzakalani ngabaqeqeshi abaningi manje.
“Ngikhumbula u-Erik Ten Hag kwiManchester United, wayenomuntu omdala kunaye,” kusho uMokwena.
Ubenengxoxo ekhethekile nemhlangano yezintatheli zebhola kuleli, iSA Football Journalist Association (Safja) ngoLwesine.
“Umqeqeshi u-Allan Freese akayena umafikizolo ebholeni,” kuqhuba yena.
“Ngicabanga ukuthi uphumelele ngendlela emangalisayo hhayi nje njengomdlali webhola kodwa nanjengomqeqeshi.
“Ngibe nenhlanhla nokuhlonipheka ukusebenza naye ezinsukwini zami zokuqala njengomqeqeshi kwiSilver Stars.
“Ngolunye usuku besikhuluma ngezinkumbulo zethu zokusebenza kwiSilver Stars nezinye zezinto esesidlule kuzona.
“Kuthe uma kuvela ithuba ngacabanga ukuthi kwesinye isikhathi uma usemncane uyadinga ukuba nabantu abanamava eduze kwakho.
“Njengoba ngishilo, umqeqeshi u-Allan uphuma esizukulwaneni esimangalisayo.
“Ungumqeqeshi onamava futhi uyindoda esezingeni eliphezulu. Usenqobe izindebe eziningi, ngakho nawe uyakudinga lokho.
“Udinga abantu abakwaziyo ukunqoba, kodwa nabantu abasebenza nabadlali abasafufusa.
“Uma ngibheka lo msebenzi okufanele ngiwenze, ungena khaxa futhi ngenhlanhla ubengasebenzi ndawo.”
UMokwena uphinde wengeza ngokuthi badinga umuntu onamava ebholeni kanti uFreese unguye lowo muntu.
“Njengoba sibancane sonke kuleli thimba, besimdinga onesipiliyoni eduze kwethu ukuze asisisize uma sibhekana nobunzima.
“Futhi njengoba ngishilo, irekhodi lakhe liyazikhulumela. Uthuthukise abadlali abahle phambilini,” kuqhuba yena.
“Kunabanye abantu abambalwa ebengicabanga ngabo, kodwa bekungelula ukubathola.
OLUNYE UDABA: Usebenzela izingane owaduma kwiDowns osesezimayini
“Futhi ngiyajabula ukuthi (uFreese) ubetholakala ukuthi ahlanganyele nathi kulo msebenzi.”
