
Okusha ngecala leCT Spurs elingase lidunge iPSL
Seliphinde lathatha elinye igxathu elingase libambezele ukuqala kwemidlalo yokuhlunga icala leCape Town Spurs.
Leli qembu laseKapa lisempini yokulwela ukungadliwa yizembe kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngesonto elidlule ithathe icala layo elibeka iDurban City yalidlulisela kwinhlangano eyengamele ibhola kuleli ukuthi lixazululwe yiyo.
Kodwa manje ngokubika kweSABC Sport, iSouth African Football Association (Safa) ijikelwe umahluleli obeqokiwe ukuba axazulule leli cala.
Manje sekulindeleke ukuthi iSafa iqoke umxazululi omusha ozolalela futhi axazulule leli cala ngoLwesihlanu.
Lokhu kubambezeleka kuza ngemuva kokuhoxa ngomzuzu wokugcina ngumxazululi wokuqala obeqokiwe.
ISafa kumele iluxazulule lolu daba ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yokuhlungela ephakathi kwamaqembu eChampionship neleBetway Premiership.
ICape Town Spurs, esanda kwehliselwa esigabeni sebhola elingakhokheli, ikholwa ukuthi iDurban City isebenzise umdlali ongafanelekile.
Umdlali wasesiswini uSazi Magawana, ojoyine iDurban City esuka kwiMarumo Gallants, nguye oyinsika yaleli cala.
ISpurs ithi imvume yokukhulula uMagawana ukuthi ajoyine elinye iqembu ikhishwe ngokungalungile.
Ithi yonke imidlalo adlale kuyona kumele ibuyekezwe futhi iDurban City kumele iphucwe amaphuzu ewathole kuyo.
I-JDR Stars yiyo eyafaka leli cala kuqala. Nokho isigungu esixazulula izinkinga sePremier Soccer League sayichitha, savuna iDurban City.
Usihlalo walesi sigungu, uRaymond wathola ukuthi ukubhaliswa kwalo mdlali kwenziwe ngendlela efanele.
Phezu kwalesi sinqumo, iCape Town Spurs isamile kwelayo icala. Yafaka isikhalazo ngaphambi kokubhekana neCity emdlalweni wokugcina.
Ngosuku okwakumele liqulwe ngalo yisigungu sePSL, yacela ukuba lihlehliswe ukuze iyolanda ufakazi.
Kodwa ayizange isabuya, yavele yaya ngqo kwiSafa. Ngokuvamile amacala adlulela kwiSafa uma kukhona ongenelisekanga ngesinqumo sePSL.
ISpurs inethemba lokuthola isinqumo esizoyivuna kwiSafa ukuze ikwazi ukuvika izembe.
Into ababambelele kuyo wukuthi njengoba iMarumo Gallants yadayisela iLeruma United isitifiketi sayo, incwadi ekhuluma uMagawana kwakumele iphume kwiLeruma.
Umphumela waleli cala – uma uvuna iCape Town Spurs – uzoba nomthelela omkhulu.
Kuzosho ukuthi iDurban City ayibona ompetha balesi sigaba, kanti nasemsileni izinto zingajika.
Kuzosho nokubambezeleka kokuqala kwemidlalo yokuhlunga, okuza nokubambezeleka kwezinhlelo zePSL.
ISafa ingaphansi kwengcindezi. Ukubambezeleka kokuxazulula lolu daba kungase kuphazamise ukwethembeka kweligi yakuleli iyonke.
Okwamanje, iSpurs ihlalele ethembeni. Isinqumo sizocacila ngekusasa layo – futhi sinyakazise ibhola laseNingizimu Afrika lonkana.
