
Uqalisiwe odlala owokuvalelisa kwi-Orlando Pirates
Ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela uyawuqala umdlalo wokugcina kule sizini kuleli qembu.
I-Orlando Pirates ibhekene neMagesi FC e-Orlando Stadium emdlalweni wayo wokugcina weBetway Premiership.
Lo mdlalo awusenamsoco ngoba umphumela wawo awuzoba namthelela otheni kuwo womabili amaqembu.
Izindawo azoqeda kuzo wamabili kuzo kwilogi womabili seziqinisekisiwe – iPirates izolala isibili, iMagesi yona kweka-13.
Nokho kufanele lamaqembu awudlale lo mdlalo. I-Orlando Pirates isiwusebenzisele ukuvalelisa uMaela.
Sekuvelile ukuthi lo mdlali yisizini yakhe yokugcina lena edlala kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Kuvele ukuthi ikilabhu imnike esinye isikhundla azosebenza kuso kusukela ngoJulayi.
Nokho bekungakacaci ukuthi usivumile yini lesi sikhundla, noma uzokwenza njengoHappy Jele afune ukuyodlala kwenye indawo.
UJele naye wayekiswa ukudlala, kwathiwa akathathe esinye isikhundla kodwa wenqaba.
Wagcina edlala kwiRoyal AM, kwaphetha ngezinyembezi njengoba avele waxoshwa engasatshelwanga.
Kumanje useyazama ukuzidlisa satshanyana kwiPirates kodwa ngathi ayisenendaba naye.
Kuzobhekwa ngabomvu ukuthi uMaela yena uzokwenza kanjani – ngabe uzowaphanyeka ethala amakhokho noma naye uzofuna ukuyoqhubeka nokudlala kwenye indawo?
