AmaqembuEzintsha

Izinsolo ezimbi kushiya isigubhukane owelePSL

  • Intatheli yeLISENETHINI

Kuvela izinsolo ezimbi ezithinta ucansi nokuthiwa yizo ezenze waqoka ukuwushiya phansi lo msebenzi. 

Ngokubika kweFARPost, ikilabhu yenze uphenyo lwangaphakathi mayelana nezinsolo zokungaziphathi kahle.

Kuthe uma kuvela ukuthi ngathi ziyiqiniso, uHyballa waqoka ukwehla esikhundleni sakhe. 

UHyballa ubengekho ebhentshini ngesikhathi iSekhukhune ihlulwa ngo 1-0 yiCape Town City FC emdlalweni weMTN8.

Bekuhlezi uMcDonald Makhubedu ebhentshini leSekhukhune. Nokho phambilini iqembu belithe uHyaballa ngeke ahlale ebhentshini ngoba imvume yakhe yokusebenza ibingakafiki.

Bekungekona okokuqala uHyballa ebhekana nokuhamba kungasekuhle eqenjini. Nasemaqenjini asebenze kuwo phambilini uhambe engasezwene nabathile ngenxa yokuxabana nabadlali nabanye abasebenzi. 

Ukufika kukaHyballa kwiSekhukhune bekuhloswe ukuletha uzinzo ngemuva kokuxoshwa kukaLehlohonolo Seema obesahlale izinyanga eziyisikhombisa. 

Ngemuva komdlalo wangoMgqibelo uMakhubedu ukhale ngomunye obengamhloniphi wadalula ukuthi bekungeyona u-Eric Tinkler.

Sekuvele ukuthi bekunguye uHyabala obesehlezi endaweni yezicukuthwane ethumela imiyalezo kuMakhubedu.