
Iyakhula intshisekelo kuLucas Ribeiro weSundowns
Iyunyuka intshisekelo ngomgadli weMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro njengoba sanda isibalo samaqembu amfunayo.
Kubikwa ukuthi sekukhona iziqhwaga zaseTurkey iTrabzonspor neqembu laseFrance iSt Etienne embangweni wokuthola lo mdlali.
Neqembu langakubo eBrazil, iFluminense kuthiwa lichazekile ngaye futhi nalo lingase lingene embangweni wokumsayina.
ULucas Ribeiro, ohambe phambili ngamagoli kwiBetway Premiership usengomunye wabadlali abafunwa kakhulu ezwenikazi ngemuva kwesizini enhle kakhulu.
Ukudlala kwakhe kahle kwiFifa Club World Cup kwengeze intshisekelo kuye njengoba ekhombise iso elibukhali legoli.
Lokhu ukwenze phambi kwezinhloli zamaqembu aqhamuka emhlabeni jikelele.
Ngokubika kweTransferfeed.com, iTrabzonspor ihlabeke umxhwele kakhulu ngokudlala kukaLuca Ribeiro kwiClub World Cup.
Futhi manje bambeke phezulu ohlwini lwabo lwabadlali abafisa ukuqinisa ngabo ngaphambi kwesizini entsha.
Leli qembu laseTurkey kubikwa ukuthi lilungiselela ukuvula izingxoxo neSundowns nabamele uRibeiro emasontweni ezayo.
Ngaleso sikhathi, i-St Etienne — ehluleke kancane emzamweni wayo wokukhuphukela kwiLigue 1 eFrance — nayo ibheke ukwengeza lo mdlali.
Lo mdlali waseBrazil oneminyaka engu-26 ubudala ubonakala njengomuntu ongase ashintshe izinto emizamweni yayo yokubuyela esigabeni esiphezulu eFrance.
Inani likaLucas Ribeiro linyukile kusukela efikile eChloorkop, lapho esephenduke khona esinye sezethenjwa ikakhulukazi ezifisweni zaleli qembu ngeCaf Champions League.
Manje, le kilabhu sekumele ithathe isiqumo esinzima: ukuthi idle imali enkulu noma igcine lesi sihlabani sayo.
Kuze kube manje, akukho okukhona okusemthethweni noma okuqinisekisiwe — kodwa intshisekelo yona iyaqina.
Njengoba abakhongi base-Europe beklelile, uLucas Ribeiro angase abe isihlabani esilandelayo esizinze eNingizimu Afrika ukugxumela esigabeni esikhulu.
