AmaZuluEzintsha

Uvalelise ngegoli, wavukwa umunyu omataniswa naMaZulu

Ushaye igoli elimangalisayo futhi wabe esebhala umlayezo onomunyu osuka enhliziyweni evalelisa eqenjini lakhe lokuqala esigabeni esikhokhelayo.

Yize AmaZulu engakamethuli ngokusemthethweni, iFARPost ibika ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usevumelene nawo ngenkontileka yeminyaka emibili.

Futhi uzofika eNingizimu Afrika ngoLwesithathu ukuzoqedela konke bese ejoyina ozakwabo abasha Osuthwini.

UNgwenya unataniswa naMaZulu nje ubehehe isasasa elikhulu ngemuva kokudlala kwakhe kahle kwiCosafa Cup ka-2025 muva nje.

Kulapho ijubane lakhe nokbukhali bakhe kudonse amehlo amakilabhu afana neChippa United neGolden Arrows. 

Kodwa kube wuSuthu olunqoba umbango wokumsayina, ngokwemibiko yakamuva.

Ngesizini yakhe yokuqala uNgwenya ushaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-18 yeligi kwiZimbabwe Premier League.

Usale ngegoli elilodwa ekutheni anqobe indondo yokushaya amagoli amaningi. 

Uvale isizini ngokushaya igoli emdlalweni wakhe wokugcina — bedlala ngokulingana ngo 1-1 bebhekene nompetha iSimba Bhora FC ngoMgqibelo.

Ngemuva komdlalo, ukhiphe incwadi evulelekile eyibhekise kuleli qembi nomqeqeshi wakhe uNorman Mapeza.

“Kusukela esikhathini lapho ngisengumfanyana omncane, leli qembu beliyindawo yami yokukhosela… 

“Konke ukunqoba, zonke izithukuthuku lapho siziqeqesha, nakho konke ukunqoba sindawonye kungikhulisile,” kubhala yena.

 “Ukushiya kwami kwenza ngizwe sengathi kukhona ingxenye yami ehlephukayo… Kodwa ngigcwele ukubonga.”

Ube esebonga ngokukhethekile kumqeqeshi uMapeza, anyuselwe eqenjini elikhulu ngaphansi kwakhe ngo-2022.

“Iphupho lokuyodlala e-Afrika selingqongqozile, kodwa inhliziyo yami iyohlale ikwiPlasto,” kwenezelela yena.

Uma uNgwenya esayina kuwo, AmaZulu kungenzeka ukuthi athola omunye wezihlabani zaseNingizimu ne-Afrika ezisakhula.