
UModiba uveza indlela iSundowns esiza ngayo uSaleng
Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, u-Aubrey Modiba, ukholwa ukuthi u-Monnapule Saleng usezobuyela ezingeni maduze.
Lokhu kulandela ukuthi lo mdlali engakwazanga ukungena emgqigqweni kusukela ejoyine iSundowns esuka kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari.
Lo mdlali wasophikweni wagqama kakhulu ngesizini ka-2022/23 ngaphansi kukaJose Riveiro.
Wasiza iPirates ukunqoba izindebe. Nokho, izinto zashintsha ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nePirates ngesizini ka-2024/25.
Ngemuva kokuchitha ingxenye yesizini ebolekiswe kwi-Orbit College, wagcina esedayiselwe iSundowns.
USaleng usevele emidlalweni eyisishiyagalombili kuyo yonke imiqhudelwano kodwa akukho mehluko asawenzile.
Ekhuluma kwi-podcast yeSoccerbeat, u-Aubrey Modiba uthi ukufika kwiSundowns phakathi nesizini – njengoba kwenzeke ku-Monnapule Saleng – kuvamise ukuba nzima ngenxa yendlela iqembu elidlala ngayo.
“Ngicabanga ukuthi uma ufika kwiSundowns ngoJanuwari kuba nzima ukujwayela isimo ngoba sidlala ngendlela ehlukile.
“Kumele uzivumelanise nesimo ngokushesha ngangokunokwenzeka,” kusho uModiba.
Nokho, uthi abadlali beSundowns bazamile ukwenza konke okusemandleni ukusiza uSaleng azizwe eyingxenye yeqembu.
“Kodwa wenza kahle. Besizama ukumsiza ukuze azizwe eyingxenye yethu,” kuqhuba yena.
“Abantu bahlukile. Kwesinye isikhathi umuntu uthanda ukuzihlukanisa nabanye.
“KwiSundowns siyabamukela bonke abantu futhi kufanele sibonge abadlali abadala ngalokho.”
U-Aubrey Modiba uphinde waveza ukuthi ukaputeni wabo, uThemba Zwane, ubambe iqhaza elikhulu ekusizeni u-Monnaule Saleng ukuthi ajwayele impilo entsha eChloorkop.
“UMshishi nguye uvamise ukuba naye egunjini elilodwa uma sisekhempini,” kuchaza uPostman.
“Uthathe isinyathelo sokuthi ahlale naye ukuze amsize aqonde izinto futhi azizwe esekhaya.”
- FUNDA NALA | Uzonikwa ithuba kwiChiefs uMbuthu
Lo mdlali weBafana ukholwa ukuthi abalandeli bazobona uSaleng wangempela ngesizini ezayo.
“Ngicabanga ukuthi ngesizini ezayo uzobe esengomunye umdlali ngokuphelele,” kuphetha uModiba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
