
UThalente Mbatha uveza okubhekwe yi-Orlando Pirates kwiligi
Umdlali we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha usethumele isexwayiso esicacile kwizimbangi zabo zesicoco seBetway Premiership.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala ugcizelela ukuthi amaBhakabhaka asekulungele ukuqhubeka lapho egcine khona ngaphambi kwekhefu le-Afcon.
IPirates ibuyela enkundleni ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Izobhekana neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium.
UMGQIGQO
UThalente Mbatha uthi ngeke bawehlise umfutho. Ngaphambi kwekhefu, i-Orlando Pirates ibisesimweni esihle.
Iwine imidlalo eyisishiyagalolunye kweyishumi yokugcina yeligi yadlala ngokulingana kowodwa.
“Sikholwa wukuthi sizoqhubeka lapho sigcine khona ngaphambi kwekhefu,” kusho uMbatha odlala esiswini.
“Sifuna ukuqhubeka nokuwina. Sahlulwa emdlalweni wethu wokuqala sibhekene neSekhukhune kanti kulokhu kumele senze kangcono. Sidinga amaphuzu aphelele.”
ABEKHO ABALIMELE
Ukaputeni wePirates uNkosinathi Sibisi ukuqinisekisile ukuthi lezi ziqhwaga zaseSoweto zizonyusa izinga, waveza ukuthi isikwati sonke sikulungele ukudlala.
“Wonke umuntu wabuya esesimweni esihle. Umqeqeshi uneqembu eligcwele angakhetha kulo, okuyinto enhle kithina njengoba siya emzuliswaneni wesibili,” kusho uSibisi.
UBUSO OBUSHA
AmaBhakabhaka aqinise isikwati sawo ngokufika kuka-Andre de Jong osuka kwiStellenbosch FC, ehambisana noMpho Chabatsane noDaniel Msendami abasuka kwiMarumo Gallants.
Umgadli uTshegofatso Mabasa ubolekiswe kwiStellenbosch kuze kuphele sizini futhi ubingelele ngegoli ngoLwesibili.
IPirates iya kulo mdlalo wayo neSekhukhune inengcindezi njengoba kungeke kusalunga ukuthi igeje amaphuzu.
FUNDA NALA | UKaze uchaza eyokujika isinqumo ngokushintsha uNdlovu
Phela seyibuyele endaweni yesibili ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns igingqe i-Orbit College ukuze inyukele phezulu.
ISekhukhune izobe inenxeba njengoba ishaywe yiStellies ngoLwesibili, okuyinto eyehlisele endaweni yesine kwilogi.
