
IKaizer Chiefs nezinhlelo ‘zokukopela’ komkhaya bayo
– Intatheli yeLisenethini
Kuvela ukuthi i-Kaizer Chiefs isezinhlelweni zokuyokhempa phesheya njengoba izoqala amalungiselelo esizini entsha.
I-Kaizer Chiefs ibe nesizini embi kunawo wonke kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League njengoba iqede ishwiba izandla.
Lokhu kuyichilo ngokwakho, kodwa okwenze kwaba kubi kakhulu wukuthi iqede endaweni yeshumi kwiDStv Premiership.
Kulindeleke izinguquko ezinqala, nokuthi izinto zenziwe ngendlela ehlukile kulokhu ukuvika ihlazo leminyaka eyishumi ingaziwa indebe eNaturena.
Ezinye zalezi zinguquko wukufika komqeqeshi omusha – okukholakala ukuthi uNasreddine Nabi – nethimba lakhe.
Nakubadlali kulindeleke izinguquko ezingase ziqale ukumenyezelwa ngoLwesine njengoba izikhulu zibuyela ehhovisi.
Manje kuvela ukuthi iKaizer Chiefs ihlela ukuyokhempa e-Europe kulokhu.
Uma yenza lokhu izobe ilandela omakhelwane bayo i-Orlando Pirates ezobe iseGermany naseSpain ngoNtulikazi ilungiselela khona isizini entsha.
ESpain iPirates izobhekana neqembu leLaLiga iSevilla emdlalweni osuqinisekisiwe.
Ngokubika kweSoccerLaduma, iChiefs ihlele ukuyyaeBelgium naseNetherlands emasontweni ambalwa ezayo.
Amakhosi kubikwa ukuthi asazama amaqembu azofike ezwane nawo amandla kulamazwe, bese esebenzisa nezinsiza zawo.
Kuthiwa ikilabhu ifuna ukunika umqeqeshi omusha ithuba lokusebenza nabadlali endaweni engenangcindezi.
Lokhu kuthiwa kwenzelwa ukuthi agxilise indlela yakhe yokudlala kubadlali besendaweni abangayijwayele.
“Izinhlelo zikhona. Izingxoxo namaqembu aseBelgium naseHolland ziyaqhubeka,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Abaphathi manje sebelinde umqeqeshi ukuthi akhombe ukuthi ufuna ukuya kuphi kulamazwe.”
OLUNYE UDABA: Kuvela okufunwa yiStellies kwiPirates ngomdlali wayo
IChiefs izobuya lapho izozwana amandla neYoung Africans yaseTanzania emdlalweni okungakaziwa noma uzoba kuleli noma ekuhambeni.
