
UMiguel ubabaza uSirino ‘oyisimangaliso’
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel uncome uGaston Sirino njengomdlali ‘osezingeni eliphezulu’.
USirino ube yintandokazi yabalandeli ngokushesha ngemuva kokuhlaba umxhwele emidlalweni yakhe emibili yokuqala kuMakhosi.
Ushaye igoli, waphinde wakha amanye amabili bebhekene neMarumo Gallants naMaZulu FC.
USirino phambilini ubedlala kwiMamelodi Sundowns la ehlale khona amasizini ayisithupha. Unqobe izicoco zeligi eziyisithupha.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala usengomunye wabadlali abamqoka kulezi zinkunzi zaseSoweto.
UMiguel naye uya ngokukhula, futhi abalandeli sebeqalile ukukhombisa ukumthakasela impela.
“USirino uletha ulwazi oluningi,” kusho uMiguel. “Ungumdlali omangalisayo.
“Uzikhombisile ngesikhathi ekwiSundowns futhi namanje usakufakazela lokho nalapha.”
Ubuhlakani bukaSirino uma iqembu lihlasela buhlabe abaningi umxhwele.
“Sibhekene naMaZulu, ushaye igoli kungalindele muntu ngoba ubesendaweni okungabhekiwe ukuthi engalishaya ekuyo,” kwengeza uMiguel.
“Ikhwalithi yakhe iphezulu futhi izosiza ukuthuthukisa iqembu.”
UMiguel ujoyine iChiefs esuka kwiPetro de Luanda ngemali elinganiselwa ku-R2.5 million.
Ukholelwa ekutheni abadlali bangaphandle kumele balikhuphule kakhulu izinga.
“Ayikho ingcindezi eyengeziwe kuSirino,” kusho uMiguel. “Kodwa kufanele sibonise ukuthi kungani sisayiniwe.”
USirino usevele unobuzwe baseNingizimu Afrika njengoba eseneminyaka emihlanu ekuleli.
Lokhu kwenza ukuthi kube lula kuye kujwayela eNaturena. UMiguel yena kusamele azijwayeze izimo zakuleli.
Ugcizelele ukubaluleka kokusebenza kanzima nathi yikho okuzokwenza kubonakale ukuthi uzokwenzani kuleli.
“Ukusebenza kanzima nsuku zonke yikho okuzokwenza umehluko,” kuchaza yena.
Lo mdlali wase-Angola noSirino kulindeleke ukuthi baqale umdlalo uma iChiefs seyibhekene neSundowns ngoMgqibelo.
Lo mdlalo weBetway Premiership uzoba seFNB Stadium ngo-3 ntambama kanti amathikithi adayisa ubuthaphuthaphu futhi kulindeleke aphele.
“Njengomdlali wangaphandle, kufanele uhlezi wenza okwengeziwe,” kusho uMiguel.
“Akulona izwe lami leli. Ngidinga ukuzijwayeza izimo futhi ngikhombise ukuthi kungani ngikhethiwe (kwabaningi).”
UMiguel uhlose ukuhlala ezikhandla futhi aqhubeke nokuletha injabulo kubalandeli beChiefs.
“Into ebaluleke kakhulu ukuhlala uzimisele. Ukusebenza kanzima yikho okuwukhiye.”
Abalandeli beChiefs bazobe bemagange ukubona uMiguel noSirino beqhubeka nokudlala kahle.
Ukudlala kahle kwabo kuzobaluleka uma sebebhekene neSundowns. Phela lomdlalo ozayo kulindeleke ukuthi ube ngothokozisayo.
Isipiliyoni sikaSirino kanye nokuzimisela kukaMiguel kukhulisa ukuzethemba kweqembu.
Wonke amehlo azobe ebheke kuSirino kulo Mgqibelo njengoba ezone ebhekene neqembu lakhe lakudala okokuqala kusukela eshiyile kulo.
