EzintshaKaizer Chiefs

UMhlongo nezizokitaza abeChiefs ngoLuke Baartman

Lokhu yisiqiniseko esikhishwe ngobengumqeqeshi wakhe kwiCape Town Spurs, uBenson Mhlongo, othe ithalente lakhe liyingqayizivele.

UMhlongo uthi isitayela nendlela yokudlala kaLuke Baartman kumfaka emdibini munye noThemba Zwane, futhi, ngisho nengwazi yeBarcelona u-Andrés Iniesta.

Lo mgadli owazalelwa e-Elsies River ujoyine iKaizer Chiefs mahhala ngemuva kokushiya kwiCape Town Spurs kulandela ukudliwa kwayo yizembe kwiMotsepe Foundation Championship.

“ULuke Baartman ngingamchaza njengomdlali oyingqayizivele — uyingxenye yabadlali abasebancane abakhaliphile futhi abayivelakancane. 

“Uhlakaniphe kakhulu, ngale kweminyaka yakhe,” kusho uMhlongo kwabezindaba muva nje.

UMhlongo ube eseluleka abaqeqeshi beChiefs ngokuzomele bakuqaphele ngoLuke Baartman ukuze bangagcini bemvalela ngaphandle noma bamsole ngobuvila.

“Ngiyethemba ukuthi iKaizer Chiefs izombekezelela ngoba akayena umdlali okhuthalayo ejimini. 

“Ngesikhathi abanye abadlali bengase bagijime ngesivinini esigcwele ejimini, yena uyazikalela nje kahle.

“Nokho, uma ephethe ibhola uzokukhumbuza izingwazi ezifana noShoes Moshoeu noJabu Pule. 

“UBaartman ungumdlali ongagcina edlala ezingeni lomhlaba,” kwengeza uMhlongo ngalo mdlali oneminyaka engu-19.

UMhlongo – owazakhela igama kwiMamelodi Sundonws ne-Orlando Pirates – wengeze ngokuchaza uBaartman njengomdlali okwazi ukujika umdlalo ngomnyakazo owodwa. 

“Labo abaqonda ibhola bayazi ukuthi abadlali abanjalo banamasu ahlukile ekudlaleni kwabo. 

“Benza umlingo uma kunesidingo. Enkundleni, uBaartman uzoletha umlingo ngempela. 

“Ngethemba ukuthi uzosebenza ngamandla akhe, futhi ngokushesha angazithola esesezingeni labadlali abafana noRelebohile Mofokeng eqenjini lesizwe,” kuqhuba uMhlongo. 

“Ngiyawuthanda umoya wokulwa kaBaartman. Uyakwazi ukugxuma, futhi akahlehli uma ebhekene nendoda ngqo. 

“Uhlakaniphe kakhulu uma ephethe ibhola, uyakwazi ukushaya amagoli, futhi ungumgadli omuhle kakhulu.

“Sekuyisikhathi eside sagcina ukubona umdlali onjalo; ungikhumbuza u-Iniesta… 

“UBaartman ngokungangabazeki uyithalente eliyingqayizivele,” kuphetha le ngwazi ye-Orlando Pirates eyazalelwa e-Alexandra.

ULuke Baartman akakadlali kwiChiefs njengoba iSpurs isayilwa indaba yakhe beno-Asanele Velebayi, ithi basengabadlali bayo.

Nokho, ngokwemithetho yePSL, iChiefs seyivumelekile ukubadlalisa njengoba isigungu esixazulula izingxabano sabakhulula.