EzintshaKaizer Chiefs

UKhanyisa Mayo ugabhe awaphesheya eshiswa yisifiso seChiefs

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ujoyine Amakhosi ngokubolekiswa okunombandela wokumthenga yiqembu lase-Algeria iCR Belouizdad.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umqeqeshi weBelouizdad, uSead Ramovic, etshele iqembu ukuthi lingambhalisi uKhanyisa Mayo kule sizini.

URamovic – oke waqeqesha iTS Galaxy kuleli – uthe uKhanyisa Mayo akekho ezinhlelweni zakhe zale sizini yize engasibekanga isizathu salokho.

Ekhuluma neSABC Sport, uBasia Michaels ukuqinisekisile ukuthi kukhona amaqembu aseKuwait, eTurkey, nase-Iran abemfuna.

Kodwa yena waba nomuzwa wokuthi ukubuyela ekhaya yiyona ndlela engcono kakhulu, nezovuselela ibhola lakhe.

“Besinezicelo phesheya, kodwa ekugcineni, ngenxa yezizathu zomuntu siqu, sabona kungcono ukuthi uKhanyisa abuye azojoyina iChiefs,” kusho uMichaels. 

UMichaels ubonge umqondisi wezemidlalo weChiefs uKaizer Motaung Jnr. ngokwenza isiqiniseko sokuthi yize bekunzima, ugcina esayinile kuMakhosi.

“Kufanele ngibonge umqondisi wezemidlalo uKaizer Motaung Jnr. ngokuphikelela kwakhe. 

“Lokhu bekuwumsebenzi onzima kakhulu, kodwa akazange akhathale – futhi manje uKhanyisa ulandela ezinyathelweni zikayise,” kwengeza uMichaels.

Ubaba kaKhanyisa, uPatrick Mayo, wadlalela iChiefs phakathi kuka-2003 no-2007 – wafika engumgadli, wagcina eyisitobha esiphambili.

Njengoba sekusondele iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo, uMayo uzobe ebheke ukudlala kahle kwiChiefs ukuze abuyele kwiBafana Bafana.

UKhanyisa Mayo akakaze abizwe eqenjini likaHugo Broos selokhu asuka kwiCape Town City waya kwiCR Belouizdad.

Ukudlala kwiChiefs, la uBroos azombona khona eduze njalo, kuzowenyusa amathuba akhe okubizwa ikakhulukazi uma enza kahle.