
UMdledle wesabela uNdlovu ngokukhetha iSundowns kunePirates
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, u-Innocent Mdledle, uthi uyakungabaza ukukhetha kukaSiyanda Ndlovu ukujoyina iSundowns esikhundleni sePirates.
UNdlovu ugqame ngesizini yakhe yokuqala kwiBetway Premiership kwiGolden Arrows, okwenza amakilabhu amakhulu amfune.
Kubikwa ukuthi iPirates beyimfuna futhi yenza konke kodwa wenqaba ukuyijoyina, waqoka ukuya kwiSundowns.
UMdledle uthi iPirates iyaziwa ngokunika abadlali baseNingizimu Afrika amathuba okudlala nokukhula.
“Into eyodwa okufanele abantu bayikhumbule ngePirates ukuthi iyalithuthukisa ikhono labadlali bakuleli,” kusho uMdledle.
“Ngingazenza isibonelo ngami. Bangithatha ngisadlala kwiVodacom League bangifaka ngqo eqenjini elikhulu, ngakwazi ukuzinza ngadlala.”
Uthe indlela izinhloli ze-Orlando Pirates neze-Mamelodi Sundowns ezibheka ngayo abadlali ayifani.
“Ngalokho, angiqiniseki ukuthi ukujoyina iSundowns kube yisinqumo esihle kuye.”
UMdledle uphinde wancoma izinhloli ezihlwayela iPirates ikhono, wathi zineso elibukhali.
“Izinhloli zePirates ziyawazi umsebenzi wazo. Bayalazi ithalente uma belibona.
“Bheka uMbekezeli Mbokazi, uqhamuke eqenjini lenkulisa wamangaza abaningi.
“NoRelebohile Mofokeng ngokunjalo. Njalo uma iPirates isayina umdlali, isuke yazi kahle ukuthi yenzani,” kusho yena.
- FUNDA NALA | USukazi ucacisa eyafuna uMahlambi
Njengoba uNdlovu egabhe i-Orlando Pirates yakhetha ukuya kwi-Mamelodi Sundowns, sekubhekwe ngabomvu ukuthi uzokwenza kanjani.
Abaningi, njengoMdledle, bebebona indlela adlala ngayo ihambiselana kahle nePirates futhi engasivala khaxa isikhala sikaRelebohile Mofokeng.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
