
UMbuyane ukhuza ukutatazela ngokudayiswa kukaMofokeng
Inkakha ye-Orlando Pirates, uThulasize “Juju” Mbuyane ikhuza ethi badukisa izwe ngabakhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngoRelebohile Mofokeng.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 usekhule kakhulu futhi waphenduka insika yePirates kulamasizini amabili adlule.
Indaba esematheni ngoMofokeng muba ngeyokuthi kumele adayiswe phesheya ukuze azodlulela ezingeni eliphezulu ngebhola lakhe.
Kodwa uMbuyane uthi kumele kuthenjwe usihlalo wePirates u-Irvin Khoza ngoba utshale imali eningi kuMofokeng kuyacaca unecebo ngaye.
“UKhoza akayena umuntu odayisa njalo kodwa kuba khona umdlali atshala kuye imali kuze avuthwe bese emtholela iqembu elizomnika imali ayidingayo,” kusho uMbuyane.
“URelibohile uhamba ezinyathelweni zabadlali abadayiswe ngemali eshisiwe yiPirates abafana noTeko Modise, Oupa Manyisa, Thembinkosi Lorch noMohau Nkota muva…
“Ngakho abantu abayeke ukufaka ingcindezi engenasidingo ngoba izogcina isigqilaza kwayena lo mfana, bese ephazamiseka,” kwengeza uMbuyane.
UJuju wazakhela ugazi kubalandeli bePirates ngokushaya amagoli abalulekile, ikakhulukazi uma bebhekene neMamelodi Sundowns.
Wayeyingxenye yeqembu elalicijwa nguRuud Krol elaqoqa inqwaba yezicoco eminyakezi engaphezu kweshumi edlule.
Ephawula ngomdlalo womlenze wesibili womdlalo weMTN8 phakathi kwalamaqembu, uMbuyane ubona iPirates izodlula kube yiyo eyodlala owamanqamu.
FUNDA NALA | Ilinyalelwe umdlali omqoka iPirates
“Bengawunqoba lo mdlalo uma bezohlasela umdlalo uqala, bangayiniki nhlobo ithuba lokuthi idlale ibhola layo iSundowns.
“Kufanele basebenzise abadlali abasheshayo phambili abanjengoKamogele Sebelebele, uRelebohile Mofokeng, u-Oswin Appollis, noTshepang Moremi,” kusho uMbuyane.
