
Ukhale ngobuthuntu u-Ouaddou iSekhukhune ishipha kudliwa e-Orlando
Usale ekhala ngamathuba ‘amahle’ ezakhe ezidlale ngawo umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdleslam Ouaddou bethola induku ka 1-0.
IPirates iphoze abalandeli bayo abebephume ngobuningi e-Orlando Stadium njengoba kube yiSekhukhune ephume namaphuzu agcwele.
“Siphoxekile impela. Umdlalo besiwuphethe futhi sakhe amathuba amahle impela futhi abalulekile.
“Kodwa ke linjalo nje ibhola,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo. “Uma ungawasebenzisi amathuba akho, akuhambi kahle.
“Imbangi ivele ithole ithuba elilodwa bese ikujuqa ngalo. Kodwa kumele siqhubeke nokuzethemba nokukholelwa kwesikwenzayo.
“Besifuna ukunqoba umdlalo wokuqala ekhaya, kodwa akusihambelanga kahle… Kodwa kumele siqhubeke nokukholwa.”
FUNDA NALA | UCASTILLO USETHOLE IKHAYA ELISHA
ISekhukhune ifike i-Orlando igcwele abalandeli abebecula kuwumcimbi omnandi, belindele ukuthi iqembu labo lizoqhubeka la ligcine khona ngempelasonto edlule.
Nokho izinto aziyihambelanga kahle iPirates njengoba uSiphesihle Mkhize eshaye igoli okuyilo elidle iBhakabhaka ngesiwombe sokuqala.
Yize iPirates beyiwakha amathuba, futhi kuyiyo ephethe umdlalo, kodwa igcine ihlulekile ukuthola okungenani igoli lokulinganisa.
