Ezintsha

Umbandela oqinile kwinkontileka kaTau kwelisha

Iqembu elisha likaPercy Tau, iQatar SC, limbekele umbandela oqinile kwinkontileka yakhe.

UTau umenyezelwe njengomdlali waleli qembu ngoMsombuluko ebusuku.

Lokhu bekulandela ukuthi eshiye iqembu abesehlale kulo iminyaka emithathu nengxeye, i-Al Ahly yase-Egypt. 

Bese kunesikhashana yena engasahlalisekile kulezi zinkunzi zase-Afrika njengoba esegcine ngokuzishiya.

Usayine inkontileka yeminyaka emibili kwiQatar SC, kodwa uzoqala abe neyezinyanga eziyisithupha.

Umbiko wephephandaba laseQatar, i-Al Arab, uveza ukuthi uTau usayine izinyanga eziyisithupha. 

Umbandela abekelwe wona ngowokuthi kuzomele akhombise ukuzinikela futhi azikhandle ukuze kwengezwe unyaka nengxenye uma iphela ngoJuni.

Umbandela onjengalona awujwayelekile ebholeni futhi cishe ngokokuqala uba khona. 

Lo mgadli oneminyaka engu-30 uzothola ithuba lokuzibonakalisa okokuqala ngoLwesihlanu.

Kuvela ukuthi uzoba yingxenye yeqembu uma selibhekene ne-Al Nasr ngoLwesihlanu.

Lamaqembu azobe egadulisana emdlalweni wamanqamu we-United Arab Emirates Super Cup. 

Ngaphambi kokuvumbuka kwiQatar SC, bekunokuqagela okuningi ngoTau abanye bemkhomba kuleli, kwiKaizer Chiefs.