EzintshaIndebe yoMhlaba

Esinye isigemegeme esishaqisayo i-England ibanjwa inkunzi

Ziyaqhubeka izigemegeme ezishaqisayo ezenzeka kwiNdebe yoMhlaba e-US njengoba sekubanjwe inkunzi imoto ebithwele izimpahla zeqembu lesizwe lase-England.

Amalungiselelo aleli qembu lesizwe aphazamiseke kakhulu ngemuva kokuthi kwebiwe impahla yalo yokuzilolonga ngaphambi kokufika kwabadlali eKansas City.

Ngokwemibiko, izimoto ebezithutha impahla yeqembu ziya enkambini yalo yokuzilolonga eSwope Soccer Village zigqekeziwe.

Kube sekwebiwa ezinye zezinto ezibalulekile okukhona kuzo amabhola namakhokho abadlali.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku, kwaphoqa amaphoyisa ukuthi angenelele ngokushesha. 

Kubikwa ukuthi sekuboshwe abantu ababili mayelana nalolu daba njengoba uphenyo luqhubeka.

Lokhu kufike ngesikhathi esibucayi kakhulu kumqeqeshi we-England, uThomas Tuchel.

Iqembu lakhe lilungiselela umdlalo walo wokuqala eNdebeni yoMhlaba neCroatia ozoba ngoLwesithathu.

Abadlali beThree Lions kulindeleke ukuthi baqale ukuziqeqesha ngokugcwele ngeSonto. 

Kodwa lesi sigameko sesishiye izikhulu zebhola ziphithene amakhanda zizama ukuthola ukuthi yini ngempela elahlekile.

Njengoba umdlalo neCroatia ususondele, i-England izobe inethemba lokuthi lesi siphithiphithi sangaphandle kwenkundla ngeke siphazamise iphupho layo lokuphakamisa iNdebe yoMhlaba.