
UMartin udle amazambane ashisayo ebuzwa ngonozinti
- Alfred NGUBANE
Ukushiywa ngaphandle kukaVeli Mothwa eqenjini laMaZulu FC eliqale umdlalo libhekene neKaizer Chiefs kuqubule isinsolo.
Abaningi bakubuke ngokuthi lo nozinti ubekwe ebhentshini ngenxa yamaphutha abewenzile emidlalweni edlule.
Kodwa umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, usekuvezile okwenze angaqali ngalo nozinti onamava.
UMothwa wenze amaphutha amabili abalulekile emidlalweni edlule, okuqale ukukhathazeka ngefomu yakhe.
UMartin ukhethe ukuqala u-Olwethu Mzimela ongenamava emdlalweni wangoLwesithathu.
Nokho uMzimela ungenelwe amagoli amathathu kungakapheli ngisho imizuzu engu-25.
UMartin ugcizelele ukuthi inhloso yakhe wukunikeza wonke amalungu eqembu lakhe ithuba lokuzibonakalisa.
Uveze ukuthi uMzimela uthole ithuba lakhe ngokusebenza kanzima ejimini.
NgokukaMartin, lesi sinqumo besingasekelwe emaphutheni kaMothwa kuphela kodwa nasenqubweni yokunikeza bonke abadlali ithuba.
“(Ingabe) Kungenxa yendlela esidlale ngayo namuhla?,” uphendule kanje uMartin ngesikhathi ebuzwa ngokuqalisa uMzimela ngaphambi kukaMothwa.
“(UMzimela) Ungumdlali weqembu lethu futhi uncintisana noVeli (Mothwa).
“Sinomthwalo wokudlalisa bonke abadlali esinabo eqenjini, bonke basebenza kanzima…
“Bayaphusha, futhi bafanelwe ukunikwa namathuba,” kwengeza lo mqeqeshi waseSpain.
Phezu koshintsho emapalini, umphumela uphoxe abalandeli baMaZulu, kwadala nokungabaza ngesimo sonozinti eqenjini.
Ingcindezi isishintshele kuMzimela, ongase abhekane nokubhekisiswa okwengeziwe emidlalweni ezayo.
Nokho isixazululo kungase kube wukwengeza omunye unozinti onamava. AmaZulu kubhekwe ukuthi asayine uRichard Ofori.
Lo nozinti usevele uqalile ukuziqeqesha neqembu yize engakasayini. Ukufika kuka-Ofori kungadambisa usizi lwabo lonozinti.
