EzintshaOrlando Pirates

UMarokana neseluleko kuZungu wodumo kwi-Orlando Pirates 

Usihlalo wale kilabhu, uSibongile Marokana usekhiphe inselelo eyibhekise kulo mdlali wasesiswini njengoba efuna ukuvuselela umsebenzi wakhe.

UNkanyiso Zungu wake waba ngumdlali ovelele kwi-Orlando Pirates futhi wayebhekwe ukuthi azuze izinto ezinkulu kuleli qembu. 

Kodwa-ke, ukuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla kuphazamise inqubekelaphambili yakhe. 

Manje, sekumele amukele indlela ehlukile ukuze abuyise isithunzi sakhe, avuselele nebhola lakhe.

UMarokana unxuse abadlali ukuthi bawazise amakilabhu abo. Ukholwa ukuthi “ikhaya elinothando” liyisisekelo sokukhula.

“Wonke amaqembu anezinselelo zawo. Uma uthola ikhaya elinothando, kumele ulazise futhi wenze konke okusemandleni akho,” kusho uMarokana. 

“Kungase kube yindlela yakho eya empumelelweni. Kufanelekile wenze konke okusemandleni akho.”

Ikhono likaZungu alinakuphikiswa. Nokho ukuziphatha kwakhe – noma ukuhluleka ukuziphatha – yikho okungabazekayo. 

KwiLerumo Lions uma engagxila ebholeni kuphela, kungambuyisela ezingeni aziwa ngalo.

Lo mnyakazo wakamuva uyindlela yakhe yokusetha kabusha umsebenzi walo mdlalo onesiphiwo esihle.

Iqembu limnikeza ithuba. Manje uZungu sekumele aveze ukulangazelela kwakhe ukuvuselela umseenzi wakhe. 

Uma engaziphatha kahle futhi asebenze ngokuzinikela, ukubuyela esigabeni esiphezulu kusengenzeka.

Lesi isivivinyo esikhulu kunazo zonke kuZungu okwamanje. Kumele akhethe phakathi kwempilo ewubukhazikhazi engabuyiseli ngalutho nokugxila emsebenzini wakhe. 

UMarokana umvulele umnyango. Manjesekusele kuye ukuthi alisebenzise, afakazele ikhono elibatshazwa kuye.