EzintshaOrlando Pirates

UMandla Ncikazi nesexwayiso kwiBucs ngaphambi koweBay

Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi uvumile ukuthi ezakhe zizongena enklundeni ezingayijwayele uma sezibhekene neRichards Bay FC.

IPirates ivakashele iNatal Rich Boyz eMhlathuze Sports Complex emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ebusuku – uqala ngo-7.30 ebusuku.

Leli qembu lisemjahweni wesicoco seligi futhi alikwazi ukuphinde lishelele, kanti iRichards Bay yona ilwela ukuqhela engozini yezembe, nokunyukela kwiTop 8.

UMandla Ncikazi uyivumile inselelo yokudlala endaweni iqembu lakhe elingayijwayele, kodwa wakubeka kwacaca ukuthi loko akusho lutho.

“Yinkunlda esingayazi, angicabangi ukuthi sake sadlala laphaya,” kusho uNcikazi. 

“Kodwa lokho akubalulekile — nomaphi lapho sidlala khona, inqobo nje uma nje kukhona inkundla, sikulungele ukwenza kahle.”

AmaBhakabhaka azobhekana nalo mdlalo egcwele ukuzethemba njengoba evutha engabaselwe muva nje.

Ibophele kanje iRichards Bay: Otieno – Sikhakhane, Mabuya, Mcineka, Zulu – Nashixwa, Mthembu, Zikhali, Gumede, Barns, Mahala

Ebhentshini: Magoola, Zuke, Ngema, Simelane, Mthethwa, Mbambo, Khumalo, Nzama, Bomelo

IPirates ibophele kanje: Chaine – Sebelebele, Sibisi, Seema, Hotto – Nemtajela, Mbatha – Moremi, Mofokeng, Appollis – Mbuthuma

Ebhentshini: Buthelezi, Chabatsane, Maswanganyi, Mbule, van Rooyen, Makgopa, de Jong, Makhaula, Ndaba